KUTHUNUKE amanxeba abengakapholi kubalingisi nabadidiyeli bemidlalo yethelevishini, ukudlula emhlabeni kukamakadebona womlingisi, uConnie Chiume.
Izindaba zokudlula emhlabeni kukaConnie (72) ziqinisekiswe yisitatimende esikhishwe wumndeni wakhe ekhasini lakhe le-Instagram izolo, lapho odalule khona ukuthi ushonele esibhedlela Garden City, eGoli.
“Siwumndeni wakwaChiume siphatheke kabuhlungu ukunazisa ngokudlula emhlabeni kwenkakha yomlingisi ohlonishwa umhlaba wonke, uConnie Chiume. Siwumndeni sicela ukuthi nisinike isikhathi sokubhekana nalobu bunzima,”’ kusho isitatimende somndeni.
Omunye womakadebona womlingisi, uDumisani Dlamini wodumo lukaChester kwi-Yizo Yizo, uthe ukushona kukaConnie kufane nokuthela upelepele esilondeni njengoba bebesazikhotha amanxeba ngoMpho Sebeng, oshone ngoMeyi, nokukaMbongeni Ngema, oshone ngoDisemba nyakenye.
“’Silahlekelwe kakhulu ngokuhamba kwakhe futhi okubuhlungu kakhulu wukuthi isikhala nokubaluleka kwakhe sizokubona manje ngoba engasekho emhlabeni. Ngithuke kakhulu ngizwa izindaba ngonkosikazi wami, bengingakulindele nhlobo lokho kodwa ngizoziduduza ngokuthi bese kuyisikhathi,” usho kanje.
UMandla N weBlack Brain Pictures osikhiqize inqwaba yemidlalo yethelevishini, yena uthuke wagelekeqa ethintwa yiSolezwe ngalolu daba, waveza ukuthi ubengakezwa nhlobo ngalo ngoba ubesaxinwe wumsebenzi.
“Sizomkhumbula njalo ngemisebenzi yakhe emihle nangakho konke okuhle akwenzile, ikakhulu ukubeka iNingizimu Afrika ebalazweni ngendawo ayilingisa kwiBlack Panther,” kusho uMandla N kuzwakala ukuthi kumshaqisile ukuzwa lezi zindaba.
UConnie uzakhele igama ngendawo kaMamokete Khuse ayeyilingisa kwi-Rhythm City phakathi kwa-2007 kuya ku-2021, kanti futhi washayelwa elikhulu ihlombe ngokuvela kwifilimu yaphesheya kwezilwandle i-Black Panther ngo-2018, nakweyesihlabani saphesheya kwezilwandle uBeyonce, i-Black Is King ngo-2020.
Ulingise nakwi-Zone 14 ngo-2005, Housekeepers ngo-2018, Queen Sono ngo-2020 ne-Gomora ngo-2021 kuya ku-2023.
Amazwi enduduzo alokhu engene njalo ezinkundleni zokuxhuman kosaziwayo abehlukene, bekhala ngokuhamba kwakhe.