AMEHLO azothi njo kuNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, ukuthi alandele umyalelo wenkantolo, enqume ukuthi izikhungo ezithile zingacishelwa ugesi.
INkantolo eNkulu eGauteng, inqume ukuthi izikhungo zezempilo, iziteshi zamaphoyisa nezikole kufanele zikhishwe ngaphansi kohlelo lokucinywa kukagesi.
Izinhlangano ezingu-19 zafaka i-Eskom enkantolo zikhala ngokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Inkantolo inike uNgqongqoshe uGordhan izinsuku ezingu-60, ukuthi agcine umyalelo wenkantolo.
I-IFP ebiyingxenye yamaqembu abeye enkantolo ithe iyasemukela isinqumo senkantolo futhi izolubheka ngeso lokhozi udaba ukuze iqinisekisise ukuthi kuyenzeka.
I-ActionSA ebibambe iqhaza ecaleni ithi, kuwukunqoba lokhu okwenzekile ngoba ibikhala ngodaba lokucishwa kukagesi. Ingxenye yesibili yodaba lukagesi isazolalelwa enkantolo ngoSepthemba.
Izwe lisabhekene nenkinga yokucishwa kukagesi ngenhloso yokuwonga. Ukubheda kwezinto e-Eskom kuholela ekushiyeni kobe yisikhulu esiphezulu uMnuz Andre du Ruyter. Eqeda ukwesula wenza izinsolo ezibucayi ekhomba osopolitiki, ethi batapa imali kule nkampani.
Uhulumeni uqoke uNgqongqoshe uDkt Kgosientso Ramakgopa, ukuba abhekane ngqo, nenkanankana kagesi ezweni. Ukucishwa kukagesi kwenyuka kuze kufike esigabeni sesithupha.