AMEHLO asethe njo kuMengameli Cyril Ramaphosa, obhekwe ukuthi amemezele iKhabhinethi entsha, okulindeleke ukuthi ihlanganise amaqembu ahlukene.
Le Khabhinethi kulindeleke ukuthi ayimemezele noma yinini njengoba ematasa exoxa nezinhlaka ezehlukene okubalwa namaqembu akuhulumeni wobumbano, amadlelandawonye ne-ANC mayelana nazobajuba kuhulumeni.
Kuhlukene imibono ngale Khabhinethi njengoba kukhona abafuna kuncishiswe isibalo sayo, kuqedwe ngamaPhini oNgqongqoshe, abanye bafuna kwandiswe isibalo sabesifazane, kanti abanye bafuna kufakwe abantu abanamava.
Kukhona nabayichithayo eyalo hulumeni njengoba abanye abaholi bamaqembu beqagela nokuthi ngeke kushaye ngisho uDisemba walo nyaka, usekhona lo mshado.
Njengoba lingekho iqembu eladla umhlanganiso okhethweni, kwaphoqa i-ANC ukuthi inxenxe amanye amaqembu ukuthi kwakhiwe lo hulumeni wobumbano. Okwamanje amaqembu akha uhulumeni yiDA, IFP, Patriotic Alliance, ANC neGood. Amanye amaqembu aveze ukuthi asayicubungula eyokuba yingxenye kahulumeni angasayina noma yinini kuwona.
Ngesikhathi efungiswa eziNdlini zoMbuso ePitoli kuleli sonto, uRamaphosa, uveze ukuthi usemi ngomumo ukusebenza nalo hulumeni.
Uveze ukuthi bahlela ukwakha amathuba emisebenzi kulo hulumeni, balungise zonke izinkinga zezwe, wathembisa ukuthi uzosebenzisana nawo wonke amaqembu kulo hulumeni.
Ubuyise ithemba kubantu, wathi kumele bawuthembe lo hulumeni ozinhloso zawo ukuthuthukisa izwe.
“Kulabo abaphakathi kuhulumeni wobumbano, abagangayo sizobakhipha. Akudlalwa la kuyasetshenzwa,” kusho uRamaphosa.
USotswebhu we-ANC ePhalamende, uMnuz Mdumiseni Ntuli, ekhuluma nesiteshi sethelevishini iNewzroom Afrika izolo, uthe uRamaphosa uyazi ngezinselelo ezibhekene nezwe ngakho maduzane uzomemezela iKhabhinethi.
UNtuli uthe uRamaphosa nguyena ozoba namandla okuqoka iKhabhinethi.
“Angakhetha noma amalungu amangaki eqenjini elithile, noma angakhethi muntu ngoba umgomo wohulumeni wobumbano ngukuthi nguyena onamandla okuqoka iKhabhinethi yakhe,” kusho uNtuli.
Uthe akukho lapho kubhalwe khona ukuthi kumele akhethe amalungu amangaki emaqenjini asemshadweni.
UNtuli ubuye wacacisa ukuthi i-ANC iyona ehola uhulumeni wobumbano.
“I-ANC iyona ehola lo hulumeni wobumbano njengoba kuyiyona eyanxenxa amanye amaqembu ukuthi abe yingxenye kahulumeni wobumbano. Akuyona i-DA eshaya amaphiko kuhulumeni wobumbano. Noma ingaphuma esivumelwaneni, ngeke uwe bhu uhulumeni,” kusho uNtuli.
Ukusho lokhu kulandela isikhalazo se-DA sokuthi bekumele kuqale kukhulunywe nayo, ivume ngaphambi kokuba kwamukelwe i-PA kulo mshado.
Uthe abadingi ukuthi baqale bakhulume neqembu elithile, bathole imvume yalo ngaphambi kokwamukela elinye iqembu kulo mshado.