KUZOCACA namhlanje ukuthi iqembu Umkhonto weSizwe lizoqhubeka nokungenela ukhetho lukazwelonke ngoMeyi 29, njengoba sibhekwe ngabomvu isinqumo senkantolo yezokhetho ezinze eBloemfontein.
Le nkantolo ezokhipha lesi sinqumo eGoli hhayi eBloemfontein ngokwesimemezelo esenziwe izolo, kulindeleke inqume kuleli cala elibhekwe ngabomvu elafakwa yi-ANC ikhala ngokubhaliswa kweMK eyesekwa ngowayenguMengameli weZwe ne-ANC uJacob Zuma.
I-ANC ikhala ngokuthi kunezinto ezingahanjiswanga kahle ngesikhathi ikhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission, ilibhalisa iqembu leMK .
Akubhekiwe isinqumo sale nkantolo kuphela kodwa i-IEC izodedelela umphakathi nohlu lwabantu abazomela amaqembu kulolu khetho.
Kulolu luhlu kuzodedelwa namagama abantu abazongenela ukhetho ngokuzimela njengoba bezobe beqala ukuba yingxenye yalolu khetho.
Kube nokudideka izolo njengoba bekulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe lesi sinqumo ekuseni kodwa egcine ingasikhiphanga.
Inkantolo yezokhetho izolo imemezele ukuthi lesi sinqumo sizokhishwa namhlanje kusuka ngo-9 ekuseni, enkantolo enkulu yaseGoli.
Kuke kwaputshuka imibiko yokuthi uNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, useyitholile imiphumela ngasese ngesinqumo senkantolo njengoba izolo bekumele kube nesithangami sabezindaba emuva kokukhishwa kwalesi sinqumo.
UMbalula ukuchithile lokhu enkundleni i-X, wathi amajaji angenza lokho angasuswa nasezikhundleni.
Ubalule ukuthi abanolwazi ngokuthi isinqumo sesiputshukile ababike lelo jaji ukuze lithathelwe izinyathelo.
Isikhulu esiphezulu sekhomishini uMnuz Masego Sheburi, ekhuluma nesiteshi sethelevishini, unxuse amaqembu ukuthi alandele imigomo ebekiwe njengoba kuyiwa okhethweni.
USheburi uthe lawo maqembu azosabisa ngodlame noma aphambane nemigomo ebekiwe okumele ilandelwe, inkantolo yezokhetho izowaphuca amavoti noma achithwe angabe esakwazi ukungenela ukhetho.
“Akuwona umsebenzi wekhomishini ukubika amaqembu aphula imigomo kodwa noma ngubani angabika lokhu enkantolo yezokhetho. Le nkantolo iyona ezonquma ngesigwebo esizotholwa ilelo qembu noma loyo ongenela ukhetho,” kusho uSheburi.
Mayelana nokudedelwa kohlu lwamaqembu, uSheburi uthe umnqamulajuqu wokukhalaza ngabajutshiwe ungoLwesine.
Uveze ukuthi uhlu lokugcina lwabazongenela ukhetho luyoshicilelwa ngo-Ephreli 10.
Kwenzeka lokhu nje i-DA izolo imemezele ezobajubela ezikhundleni nabazongenela ukhetho njengondunankulu ezifundazweni ezahlukene.