ABAWUVALI umlomo ezinkundleni zokuxhumana, kulimala abafundi abangu-44 ebebesetekisini ebandakanyeke engozini eBaffelsdraai eVerulam.
Kule ngozi kudlule emhlabeni oyedwa obehamba ngezinyawo.
Abaningi bebekhuza umhlola wokulayishwa ngokweqile kwezingane ezingu-44 etekisini eyodwa, besola abazali ngokugembula ngempilo yezingane zabo ngokuvumela lo mkhuba.
Abanye bebethi akaboshwe umshayeli wetekisi ngalesi senzo, babuye basola namaphoyisa ngokuthi ukuba ayawenza umsebenzi wawo ngabe akekho umshayeli olayisha izingane eziningi kangaka etekisini ngesikhathi esisodwa.
UMnuz Nkululeko Jali uthe: “Iningi lenu liqhamuka selizithukisa, kungani ngoba yinina enifaka izingane zenu kula matekisi niwabona kahle ukuthi agcwele. Kuthi uma sekwenzeka into efana nale bese nizenza abantu abathukayo.”
UMnuz Nick Fortmann uthe: “Umshayeli wetekisi kufanele aboshwe ngecala lokuzama ukubulala abantu abangu-44.”
UShobana Samduth uthe: “Ashonaphi amaphoyisa emigwaqweni eya ezikoleni ukuze aqaphe abashayeli abalayisha izingane zesikole ngokweqile. Ubecabangani lo mshayeli elayisha izingane eziningi kangaka etekisini eyodwa.”
UMnuz Sphe Nxumalo uthe sebedelela ngempela ‘omalume’. “Uzilayisha kanjani izingane ezingu-44 etekisini evumeleke ukulayisha abantu abangu-15. Bekumele aboshwe lo mshayeli, aphucwe nezincwadi zokushayela.”
Okhulumela iReaction Unit South Africa, Mnuz Prem Balram, uthe zineminyaka ephakathi kweyisikhombisa nengu-13 izingane ezilimale kule ngozi eyenzeke ngezikhathi zasekuseni emgwaqweni u-Old Inanda.
Echaza uthe izingane zilimale engozini yesibili eyenzeke endaweni efanayo.
“Izisebenzi zeRusa zifike endaweni yesigameko zathola ukuthi bekuneveni iToyota Hilux ebimi emzileni osetshenziswa abezimo eziphuthumayo. Umnikazi wayo ubemi kulo mzila eshayela izinhlaka zomthetho ukuze abike ngomuntu obehamba ngezinyawo oshonile emva kokushayiswa imoto maqede yabaleka,” kusho uBalram.
Uthe kuthe kusenjalo, kwaqhamuka itekisi ebithwele abafundi base-Acacia Primary eTrenance Park ebidla amagalani, yashayisa iveni ebimile.
Uthe izingane zinikwe usizo lokuqala endaweni yesigameko ngaphambi kokuba ziyiswe esibhedlela. Ubuye wathi obehamba ngezinyawo oshonile ubengakaziwa ukuthi ungubani.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.