BELUYINDABA egudwini udaba lwamaselula abasolwa ecaleni lokubulawa komrepha u-AKA, abebevele eNkantolo yeMantshi kwaManzini, eSwatini. UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande obuye aziwe ngoNxele noMnuz Malusi Dave Ndimande bebesenkantolo.
Bekuyokhulunywa ngezinhlelo zokubuyiselwa kwabo kuleli lapho okuzoqhubeka khona icala lokufa komrepha okwashiya abaningi bethuthumela. Kuvele ukuthi amaphepha esicelo sokubuyiswa kwabo avela kuleli abengakafakwa.
U-AKA igama lakhe nguKiernan Forbes, wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane eThekwini nyakenye. Bahlaselwa amadoda bemi ngaphandle kwendawo yokudlela iWish on Florida eyagcina ivaliwe.
Izinsizwa zakwaNdimande zibanjwe amaphoyisa eZone 4, eMbabane, eSwatini emqashweni lapho bezigobe khona amadlangala. ONdimande bafike enkantolo behamba bezifihla bengafuni ukushuthwa.
Omunye ubefake ijakhethi emnyama enesigqoko kodwa esidedelile silenga ngemuva. Omunye efake ijakhethi emibalabala naye esiyekile isigqoko. Babonakale behla elolini neziboshwa eziningi befaswe ngamaketango.
Omunye wabo ubebuye ahlebe okuthile kumfowabo bese ehleka kodwa ebhokisini bebegebise amakhanda sakucasha.
UMshushisi uMnuz Macebo Dlamini, utshele inkantolo ukuthi besingakafiki isicelo esivela kuleli esinxusa ukuba kubuyiswe abamangalelwa. Uthe udaba baluthatha njengoluphuthuma kakhulu futhi bayathemba ukuthi isicelo sizofika maduze.
Umshushisi uveze udaba lwamaselula abamangalelwa athathwa ngesikhathi beboshwa. Uthe abomthetho bakuleli bawadonse ngendlebe amaphoyisa aseSwatini bathi awathatha amaselula ngoba angase abe nobufakazi obuzosiza ophenyweni.
Amaselula amane abephethwe ngezikhwanyana eziwucwazi obonakalayo ngaphakathi, athuwe phambi kwenkantolo. Ummeli wabamangalelwa uMnuz Sivesonke Ngwenya, uthe unenkinga ngendaba yokuthathwa kwamaselula amakhasimende akhe.
“Kuthiwa kunencwadi efungelwe ebhalwe wumphenyi wecala maqondana nokuthathwa kwamaselula kodwa mina angikaze ngiyibone. Bengicela ukuthi udaba lwamaselula luhlehlele uMashi 12,’’ kusho uNgwenya.
UMshushisi ukhuze wababaza wathi udaba lokuthathwa kwamaselula akufanele lulokhu lubangwa kufanele athathwe ukuze ahlale kahle ngaphansi kweso lamaphoyisa. Inkantolo igunyaze ukuthathwa kwamaselula yase ithi kodwa udaba lwawo luzoxoxwa kahle uma udaba selubuyela enkantolo.
Icala lihlehlele uMashi 12 elizobuyela ngawo eNkantolo yeMantshi kwaManzini. Kulindeleke ukuthi abalisa abakuleli babuyele eNkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.