KUPHAZAMISEKE izinhlelo zokugubha usuku lokuzalwa komgilwa (18) ngoMgqibelo ‘edlwengulwa’ umastende okuqashe kuye umndeni wakhe e-Extension 3, eChesterville.
Lesi sigameko kuthiwa senzeke kwi-B&B yakhe lona wesilisa okuthiwa uphinde abe yinesi esibhedlela esizimele, iLife Westville, aphinde abe sekomitini le-ward elithenjwayo.
Unina kamgilwa elandisa ngesigameko, uthe senzeka nje, bebehlele ukuthi bazomkhipha, ayojabulela usuku lwakhe lokuzalwa uma bebuya emsebenzini.
Uthe umgilwa ubhozonyelwe umastende ngesikhathi ethunywe esinye isiqashi kwesinye esihlala emiqashweni yakhe lona wesilisa, encikene neB&B khona e-Extension 3.
“Luvele lonakala usuku lwakhe sekuvela lo mshophi, kwathina singabazali bakhe sadunyelwa amakhanda, kwaphela nokuthi besimhlelele okuhle,“ kusho unina.
Eqhubeka nokulandisa uthe: “Ingane ibonwe esinye isiqashi esihlala naso, ikhala. Sayibuza ukuthi ikhalelani, yangafuna ukusho, kwaze kwaba ukuthi igonyuluka sekubuya uyise emsebenzini,” kusho unina kamgilwa.
Uqhube wathi bathole ukuthi bekungesikho okokuqala eyigila.
“Bese kungokwesibili. Ubethi uma eyidlwengula, ayisabise ngokuthi uzoyibulala bese eyoyiphosa kude lapho engeke iphinde itholwe khona muntu,” kusho unina kamgilwa.
Uqhube wathi, esigamekweni sakamumva, umastende uze wengeza ngelithi usazoyiphinda futhi.
Uthe baphoqelekile ukuthi bathuthe kulo mqasho ngeSonto, emva kwesigameko.
“Ngeke ngikukhohlwe akwenze kithina. Uziphathise okwesilwane ekubeni besimethemba,” kusho unina kamgilwa, oveze ukuthi ngesikhathi ethola ucingo olumazisa ngesigameko, wake wahlala phansi, waphinde wasukuma ngenxa yokungakukholwa ayekutshelwa.
Uyise kamgilwa uthe okubahlukumeza kunakho konke ukuthi lona wesilisa ubefike aqoqe irenti ngapha ezenza usomabhizinisi othembekile bese eyodlwengula indodakazi yabo ngale.
Udalule ukuthi bese kuzophela unyaka wesibili beqashe emqashweni walona wesilisa kanti ngesikhathi sebehamba, ufune ngodli R900 ngaphambi kokuba baphume.
Ukhale ngokusatshiswa abakubo kamsolwa nabanye abantu abangaziwa, abafika bukhoma bezobatshela ukuthi abasule icala.
“Izolo nje (esho ngoLwesibili) ukhona ofike kulo mqasho omusha esesikuwo, ngoba usendaweni, wafike wayibamba ngesidlozana, ethi ayiyosula icala. Uphinde wathi uzolokhu ebuya kuze kwenziwe le nto ayishoyo,” kusho uyise kamgilwa.
Uthe umgilwa ufunda uGrade 11 kodwa usamile esikoleni kulandela isigameko njengoba engekho esimweni esikahle ngokomqondo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa ophiko oluphenya amacala oDlame lwaseMndenini, ukuVikelwa kweZingane nawoCansi eBrighton Beach lubophe owesilisa (30) emva kokudlwengulwa kwentombazane ngoMgqibelo.
“Umsolwa uvele enkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesibili,“ kusho uNetshiunda.