INKAMPANI ephehla ugesi i-Eskom iveze ukuthi izoqinisa inkinga yokuhamba kukagesi esifundazweni iKwaZulu-Natal njengoba kunesichotho.
Le nkampani ithe miningi imibiko yokuhamba kukagesi ngenxa yalesi simo sezulu futhi kuzothatha isikhathi ukuwulungisa kunokujwayelekile.
Le nkampani isho lokhu nje izwe libhekene nesigaba sesihlanu sokucishwa kukagesi okuhleliwe, kanti izindawo eziningi emalokishini aseThekwini njengeNanda zike zahanjelwa wugesi izinsuku ezimbili ngoLwesine noLwesihlanu.
I-Eskom ibika lokhu nje, nezangoma zezulu sikhiphe isexwayiso ngemvula enamandla kulesi sifundazwe namuhla kuze kube yisebusuku.