IQALE umkhankaso wokuhambela amajele iKhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) inxenxa iziboshwa ukuthi zibhalisele ukuvota okhethweni lukazwelonke kulo nyaka.
UNkk Ntomb’futhi Masinga, isikhulu sekhomishini KwaZulu-Natal, uthe baqala umkhankaso wokuhambela lezi zikhungo namhlanje kuze kube uLwesine.
Uthe iziboshwa zivumelekile ukuvota okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe kodwa azivoti kolohulumeni basekhaya.
“Sinxusa imindeni yeziboshwa ukuthi izihambisele omazisi bazo lapho zigcinwe khona. Zibalelwa ku-18 634 iziboshwa ezigcinwe ezikhungweni ezingu-35 esifundazweni, cishe ezibalelwa ku-10 272 zinabo omazisi noma ama-smart cards kanti ezingu-8 362 azinabo omazisi.”
Ubalule ukuthi basebenzisana noMnyango wezaseKhaya emkhankasweni wabo wokuhambela lezi zikhungo ukuze iziboshwa zikwazi ukusheshe zithole omazisi.
Uveze nokuthi basemkhankasweni wokubhalisa izitshudeni ezifunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Lo mkhankaso uhambisana nowezikhungo wokwamukela izitshudeni ezintsha ezikhungweni. Zingu-12 izikhungo zemfundo ephakeme esifundazweni, ezine zazo amanyuvesi kuthi eziyisishiyagalombili, kube amakolishi amakhono ama-Technical and Vocational Education and Training (TVET). Abasebenzi bekhomishini bazoba kuzona lezi zikhungo uma sekwamukelwa izitshudeni ezifikayo.”
Usho lokhu nje ngempelasonto kuvulwa ithuba lokugcina lokubhalisela ukuvota ngaphambi kwalolu khetho, okulindwe ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa, amemezele usuku oluzobanjwa ngalo.
UNkk Masinga uthe ezinye zezikhungo abebezisebenzisela ukuvota, zicekelwe phansi izikhukhula nemvula.
“Sisebenzisana neminyango ehlukene nomasipala ukuqinisekisa ukuthi kuyangeneka ezikhungweni zokuvota njengoba kwezinye izindawo kwacekeleka phansi nemigwaqo. Uma kushaya impelasonto yokubhalisa zingalungile ezinye zezikhungo, sizogxumeka izinto zesikhashana zokusebenzela njengamatende ukuze sisebenze.”
Uveze ukuthi ngoMgqibelo neSonto bazozivula zonke izikhungo zokuvota ezingu-4974 esifundazweni kusuka ngo-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama ukuze abantu bayobhalisela ukuvota noma bazibheke ukuthi basabhalisile yini.
“Bangu-14 914 abasebenzi abazobe bematasa nalo msebenzi kanti izinsiza zokuvota seziyathunyelwa. Ukuze ubhalisele ukuvota kumele ube neminyaka engu-16, ube nomazisi noma owesikhashana.”