IZOKHETHWA emhlanganweni womkhandlu ozokuba ngoLwesibili imeya yoMasipala waseThekwini.
Umhlangano okuzokhethwa kuwo imeya uzokuba seNkosi Albert Luthuli International Convention Centre.
ITheku lisale lingenayo imeya emva kokususwa kukaMnuz Mxolisi Kaunda, osejutshwe eMkhandlwini weziFundazwe.
Umasipala ukhiphe isimemo kwabezindaba, ubika ngomhlangano wangoLwesibili, kepha wangachaza ukuthi iziphi izindaba ezizoxoxwa emhlanganweni.
Umhlangano wangoLwesibili wahlelwa ngaphambi kokuthi kususwe uKaunda.
Usomlomo, uMnuz Thabani Nyawose, uthe bazosale sebesebenzisa wona umhlangano wangoLwesibili ukuvala isikhala semeya.
“Ngiyakuqinisekisa ukuthi imeya entsha izokhethwa emhlanganweni wangoLwesibili.”
I-ANC ibingakaluphothuli uhlelo lokuqoka ozokuba imeya.
Kuvela ukuthi ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buphakamise amagama amathathu okuzokhethwa kuwo ozokuba imeya.
Ngokuthola kweSolezwe Ngemepelasonto, ohlwini kukhona igama lowayenguMphathiswa wezoLimo, uMnuz Cyril Xaba, kube khona elaloyo obenguNgqongqoshe wezaMaphoyisa, uMnuz Bheki Cele nelaloyo obengundunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
UXaba obekade eyilungu lePhalamende, akabuyeli ngenxa yokuncipha kwezihlalo ezitholwe i-ANC okhethweni oludlule.
Kanjalo uCele noNkk Dube-Ncube nabo basale ngaphandle ngesikhathi kufungiswa amalungu ePhalamende naweziShayamthetho.
Laba holi bazokwenziwa inhlolokhono, bese kuqokwa oyedwa.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, ukuqinisekisile ukuthi sebewahambisile amagama amathathu kodwa angakafuna ukuwadalula.
“Kuzokuba nohlelo lokuhlunga, uma seluphothuliwe sizomemezela ukuthi ubani ophumelele.”
Phezu kwesikhundla semeya, i-ANC isahlalelwe umsebenzi wokuqoka usihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu.
Leli komiti selihlale isikhathi eside lingenaye usihlalo kulandela ukuxoshwa kwekhansela le-EFF, uMnuz Themba Mvubu.
UMvubu wakhishwa emva kokuqala kwezinkinga emshadweni we-ANC ne-EFF kumasipala waseThekwini.
Mumva nje i-EFF isanda kumemezela ukuthi kuphelile obekuyihlanganise ne-ANC kuMasipala waseThekwini.
UKaunda ubelokhu ebambe njengosihlalo wekomiti kwaze kwabe uyashiya.
Akucaci noma i-ANC isazoqhubeka nokubambisana namaqembu amancane eThekwini noma isizosebenza namaqembu ebambisene nawo kuzwelonke.
EThekwini i-ANC ibambisene neNFP, namanye amaqembu amancane.
Kuzwelonke naKwaZulu-Natal i-ANC ibambisene ne-IFP neDA.