ZIZOPHAKAMISA umhlanga okokuqala ngqa kusasa izintombi ezizobe zimele inyuvesi yaseDurban University of Technology (DUT) eziyingxenye yomcimbi woMkhosi woMhlanga eNyokeni KwaNongoma.
Lezi zintombi ezingu-15 ezingaphansi kwenhlangano ebizwa ngokuthi iZimbali zeDUT Virgins Society enezintombi ezingu-30 uma seziphelele.
UNksz Wandile Khumalo (24) waKwaMhlabuyalingana ongomunye wabasunguli bale nhlangano uthe inhloso yabo enkulu ukuyophakamisa iflegi lale nyuvesi ukuze nezinye izintombi zigqugquzeleke ngokuzigcina.
Phakathi kwezintombi ezimele iDUT kubalwa uKwanele Mvelase (19) waseMnambithi, Snethemba Ngidi (20) waseMkhambathini, Bazabile Sithole (17) waseHopewell , Samkelisiwe Ngcobo (21) waseGezubuso, Minenhle Mkhwanazi (20) waseMpangeni, Nandipha Mpompi (21) waseMzimkhulu, Bongeka Ntuli (21) waseMnambithi, Nosipho Mbatha (22) waseNquthu, Noxolo Nxuma (21) waKwaMhlabuyalingana, Langelihle Manyani (18) wasoLundi, Misokuhle Khanyile (20) waseNkandla, Phumelele Hadebe (18) waseVryheid noSiphindile Dlamini (20) waseVryheid.
Lezi zintombi ezingu-15 ezingaphansi kwenhlangano ebizwa ngokuthi iZimbali zeDUT Virgins Society enezintombi ezingu-30 uma seziphelele.
Isithombe: Nqobile Mbonambi/ Africa News Agency(ANA)
UNobhala wale nhlangano uThobeka Ntuli, uSekela Sihlalo uFisokuhle Madondo noMgcinimafa uPhilile Nkomo bebengekho nezinye zezintombi ngenkathi leli phephandaba livakashele lenyuvesi kodwa baqinisekisiwe njenge ngxenye yazo.
UNksz Khumalo uthe noma beyimele le nyuvesi kodwa akuhambanga ngokwezifiso zabo njengoba kukhona ingxenye yethimba lezintombi esele ngemuva.
"Izindleko zibe ziningi kakhulu bahluleka abanye ukuthola imali kubali. Sibengu-15 esikwaze ukuhlanganisa imali yetekisi nokuthenga imvunulo.
Konke besicela kubazali ngoba asilutholanga uxhaso nezinsuku ezihanjwayo ziningi kakhulu. Sivumelene ngokuthi sizohlolwa sonke ndawonye bese kuhamba ingxenye yethu.
Kuyasijabulisa nokuthi sizothola ithuba lokuzethula kwiSilo sibone ukuthi siyazihlonipha futhi siyazilandela iziyalo zaso," kusho uNksz Khumalo.
Eqhuba uthe njenge nhlangano entsha nengenzi nzuzo bayafisa ukuthola uxhaso ukukhulisa lenhlangano nokubhekana nezindleko zayo.
Uma lezi zintombi zibuya eMkhosini woMhlanga zizokwethula ngokusemthethweni lenhlangano. Ephetha uNksz Khumalo uthe uyafisa abazali emakhaya baqale ukukhuluma nezingane zabo ngokubaluleka kwale nhlangano.
Lokhu uthe ukusho ngoba eminyakeni ezayo noma bengasekho kule nyuv esi kodwa bafuna yaziwe ngokukhiqiza ongoti bemikhakha ehlukene abayizintombi nto.
Lokhu uthe akakungabazi ukuthi kuzoba yimpumelelo ngoba iningi lamantombaane lingena emanyuvesi liseyizintombi nto.
Kodwa ngokugqoza kwezinhlelo eziphathelene nokuhlolwa kwezintombi emanyuvesi kwenza zigcine sezinikela ngobuntombi bazo kalula.