UYAZICHITHA izinsolo zokuthakatha umholi we-IFP othwetshulwe echela esikhungweni sokuvota okuqhubeka kuso ukhetho lokuchibiyela olubhekwe ngabomvu.
Usotswebhu wakuMasipala waseMvoti, uMnuz Mbongiseni “Bhojasi” Dlamini, uyakuchitha ukuthi ubezama ukukhunkula ngesikhathi echela esikhungweni sokuvota okuqhubeka kuso ukhetho lokuchibiyela kuWard 2 wakulo masipala.
Imiphumela yokhetho lokuchibiyela yakule wadi ibhekwe ngabomvu njengoba i-ABC ifuna ukuketula i-IFP kulo mkhandlu.
USotswebhu omkhulu kumasipala waseMvoti umnumzane Mbongiseni "Bhojasi" Dlamini uthwetshulwe echelela esikhungweni sokuvota okuqhubeka kuso ukhetho lokuchibiyela. Lokhu sekuholele ekutheni amaqembu ezepolitiki asole uDlamini ngokusebenzisa umuthi ukuze kunqobe i-IFP. 🎥 ithunyelwe pic.twitter.com/p7Qq8DHkqA
— Isolezwe News (@IsolezweNews) June 13, 2023
I-ABC imelwe ngumengameli wayo, uMnuz Philani Mavundla kanti i-IFP yona imelwe nguMnuz Zwakushiwo Zondi.
Ukuvota kuyaqhubeka namhlanje kanti imiphumela kulindeleke ukuthi imenyezelwe kusasa.
Izolo ngesikhathi kuvota labo abavota ngokukhethekile, kubonakale uDlamini ehamba echela esikhungweni sokuvota iBusani.
Kwi-video uDlamini ubonakala ehamba echelela, ephethe uphondo namanzi.
Kuzwakala abantu abamemezayo, bethi bathathe Bhojasi.
Kuphinde kubonakale ilungu lamalungu e-ABC limvimba ngesikhathi ezama ukusondela ngasetafuleni obekuhleli kulo amalungu e-ABC.
Unobhala-jikelele we-ABC, uNkk Phumelele Phahla, obekhona ngesikhathi kwenzeka lokhu, uthe akuzange kubaphathe kahle obekwenziwa nguDlamini.
“Le nto abeyenza bese kuwukusabisa abantu. Akufanele umuntu azochelela esikhungweni sokuvota. Kufanele azi ukuthi esikhungweni sokuvota akusikhona kwakhe.”
Umholi oqhamuka eMvoti, uthe lona wumkhuba uDlamini ajwayele ukuwenza.
“Uyathanda ukufike achelele uma kunokhetho. Uthanda nokugqoka amajazi amnyama asabekayo bese elokhu echela.”
Ethintwa yiSolezwe, uDlamini uthe ubezama ukubulala imithi ebifakwe esikhungweni sokuvota.
“Bese ngizwile ukuthi kunabantu abese befake imithi yabo, ngase ngifika ngiyachela ukuze ngibulale le mithi yabo. Bengingaphethe muthi laphana bengibiza nje igama leNkosi, ngithi ayingasebenzi imithi efakiwe.
“Uma ubuka i-video uzobona ukuthi bengiphethe amanzi nje ebengikade ngiwaphuza.”
Echaza ngophondo abeluphethe, uDlamini uthe lolu phondo lunemfihlo ejulile kakhulu.
“Lolu uphondo ngengiqeda ngalo izizwe. Ngeke uluthole ndawo. Uma ufuna ukuluthinta kufanele uzile ukulala nomuntu wesifazane izinsuku eziyishumi.”
Okhulumela inhlangano eyengamele ukhetho KwaZulu-Natal, i-Independent Electoral Commission, uMnuz Thabani Ngwira, uthe awukho umthetho obhekene nokusetshenziswa komuthi.
Iwadi ebangwayo ibikade iphethwe yi-ANC, kwavuleka isikhala emva kokushona kwekhansela, uMnuz Mdu Ngcobo.