Amaphoyisa aseMgungundlovu ashaqe owesilisa ayomphosa imibuzo ngokubulawa kwabantu abathathu nokuzama ukubulala oyedwa ngeSonto ekuseni.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, amaphoyisa athole umbiko ngesehlakalo sokudubula nokuthe uma efika endaweni yesigameko azithela phezu kwezidumbu ezintathu ngaphakathi emotweni. Abagilwa abathathu abaneminyaka engu-24, 34 no-36 bahlonzwe njengabashonile endaweni yesigameko.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uthe kubikwa ukuthi abangani abane bebehleli emotweni bephuza ngesikhathi kufika umsolwa waqala wadubula ebhekise ngakubo ngaphandle kokuthi vu.
Abathathu badubuleke bashonela khona lapho kanti oyedwa ukwazile ukubaleka emuva kokudubuleka engalweni.
Yize ingakacaci imbangela yokuhlaselwa kwalaba kodwa kukholakala ukuthi ihlobene nokuthathwa kowesifazane ekilabhini nomunye wesilisa okuthiwa uthathwe omunye wabashonile ngesikhathi eshayela imoto ekhokhelwa ngebanga elihambile.