IZINGANE zizofunda ukuveza imizwa yazo esiqeshini esiyisipesheli seTakalani Sesame esibizwa nge-The Big Feelings Special.
Lesi siqephu sizosakazwa ku-SABC 2 ngo-17.30 ntambama ngoMgqibelo.
ISouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) iveze ukuthi kuzobe kukhona amaqhawe esizwe eqembu iBanyana Banyana nosomahlaya uDavid Kau abazobe bexoxa nabeTakalani Sesame ngokuveza imizwa yakho.
Inhloso yalesi siqephu wukusiza abazali nezingane ukuthi bakwazi ukukhuluma ngendlela abazizwa ngayo noma ngabe baphatheke kabi kanjani.
ISadag iveze ukuthi kuningi okubhekene nemindeni yakuleli okubalwa ushintsho olulethwe yiCovid-19, ukunqamuka kukagesi, ukubiza kwempilo nokunye okwenza abantu bazizwe bengakwazi ukulawula impilo yabo.
“Izingane nazo zingaphansi kwengcindezi ngenxa yezinto ezenzeka emindenini. Sibone kungcono ukuthi size nohlelo oluzozisiza ukuze ziqonde indlela ezizizwa ngayo nokuthi zibhekana kanjani nesimo sokuphatheka kabi,” kusho uMnuz Innocent Nkata onguMqondisi weSesame Workshop eNingizimu Afrika.
Uthe izingane zizobona izihlabani zeTakalani Sesame o-Elmo oneminyaka emithathu, uZuzu oneminyaka eyisithupha nomshayeli wetekisi uZikwe bekhuluma ngemizwa yabo.
“Kunemizwa esithusayo kodwa uma sazi ukuthi kufanele sibhekane kanjani nayo ngeke iphazamise usuku lwethu. Yingakho kubalulekile ukuthi sithole izindlela zokubhekana nemizwa ethusayo ukuze silekelele imindeni yethu nabangani bethu,” kusho uNkata.
ISadag iveze ukuthi selokhu kwaba khona iCovid-19 ukungahlaliseki kubantu kunyuke ngo-25% kanti oyedwa kubantu abathathu kuleli unokukhathazeka engqondweni.
UNkata uthe okuhle ngesiqephu sabo se-The Big Feelings wukuthi sizokhombisa abantu ukuthi noma wubani uyabhekana nezinkinga.
Uthe iBanyana Banyana izobe ikhuluma ngengcindezi ebhekene nayo njengoba ilungiselela imidlalo yeNdebe yoMhlaba iFIFA Women’s World Cup, ezoba se-Australia nase-New Zealand ngoJulayi.
Uveze ukuthi abangani beTakalani Sesame bazobona abadlali beBanyana Banyana babaculele amaculo amnandi babafundise nokuthi babhekana kanjani nengcindezi.
Konke lokhu kwenzelwa ukuthi izingane zibone ukuthi azizodwa, bakhona nabanye ababa nengcindezi.