ABANIKAZI bezimoto bazohleka bodwa kusasa njengoba uphethroli nodizili kwehla ngemali ethe xaxa kunokwedlule.
UMnyango wezokuMbiwayo nezaMandla ngempelasonto, ukhiphe isitatimende esiveza ukuthi uphethroli uzokwehla ngoR2.06 ilitha bese kuthi udizili wehle ngoR2.68 i-500 ppm ilitha bese kuthi ilitha likadizili i-50ppm lehle ngoR2.08.
Upharafini uzokwehla ngoR1.93 ilitha. Lawa manani kulindeleke ukuthi ahlale kuze kushaye uMashi nonyaka.
“Lokhu kwehla kwentengo kuzoba yizindaba ezimnandi kubo boke abathengi futhi kusho ukuwuqala kahle unyaka,’’ kusho isitatimende esikhishwe abe-Automobile Association (AA) esishicilelwe abaseCentral Energy Fund (CEF).
Ngokolwazi olushicilelwe abeCEF, lokhu kwehla kwentengo kuwumphumela wokusimama kweRandi uma liqhathaniswa neDollar lase-US kanjalo nokwehla kwentengo kawoyela ongahluziwe.
“Lokhu kwehla kwentengo kaphethroli ngeke kuqhathaniswe nalokho ebimi kukho ngoJanuwari nyakenye kodwa kuzohamba ibanga elide ekwehliseni umthwalo wokubiza kukaphethroli,’’ kusho isitatimende.
Lesi sitatimende siphethe ngokuthi lokhu kuyizindaba ezinhle kulabo abakade bethathe amaholidi njengoba kuzokwehlisa izindleko zokubuya lapho kade bevakashe khona.