BANOKHWANTALALA abesifazane ngenxa yezikweletu nokungabibikho kwemali yokubhekela izidingo.
Lezi zindaba zivezwe nguMnuz Benay Sager oyisikhulu esiphezulu seDebt Busters.
USager ukhiphe ucwaningo olubizwa ngeMoney Stress Tracker, oluthole ukuthi abesifazane abasebasha banokhwantalala kakhulu ngenxa yokubiza kwempilo.
Abadala kuvele ukuthi bakhathazeke kancane ngoba abanazo izikweletu eziningi futhi abayi kwabaluleka ngezikweletu.
“Ucwaningo lwethu belubheka abantu abawu-26 000 ababhalise kwiDebt Busters ukuthi bacwaningwe ukuthi ukhwantalala lwabo lungakanani ngenxa yezikweletu. Sithole ukuthi ukhwantalala lwezikweletu lusuke ku-78% obelukuwona ngonyaka odlule lwaya ku-75% kulo nyaka. Abantu bampintshwe wukubiza kokudla, ukunyuka kwemali mboleko nokungathunyelwa kahle kwezidingo,” kusho uSager.
Ukungacimi njalo kukagesi kuye kwehlisa kancane ukhwantalala njengoba abantu bekwazi ukubuka ithelevishini, ukupheka nokwenza ezinye izinto eziphazamisekayo uma ugesi ungekho.
Uma kuqhathaniswa namadoda abesifazane banokhwantalala oluwu-10% ukudlula olwamadoda, bakhathazeke ka-20% ngempilo yabo naka-30% ngempilo yemindeni yabo.
Udokotela wengqondo uDkt Andrea Kellerman, uthe abesifazane yibona abakwaziyo ukusho ukuthi banokhwantalala. Uthe ukhwantalala lubahlasela kakhulu ngoba yibona okufanele beseke amalungu omndeni, baqinisekise ukuthi umndeni udlile futhi wonke umuntu uphile kahle. Abanye banokhwantalala ngoba bakhulisa izingane ngabodwana.
Amadoda uthe ayakwazi ukuvalela imizwa yawo, angabhekani nezinto eziningi ngesikhathi esisodwa njengabantu besifazane.
“Into eyenza abesifazane babe nokhwantalala kakhulu wukuthi bangomama, yibona abasebenzayo ukuze kudliwe ekhaya. Bahlale bephatheke kabi ngenxa yomthwalo abawutshethe wezezimali nempilo,” kusho uDkt Kellerman.
Uthe bakhathazekile ngoba abakwazi ukukhokha izikweletu, ayipheli inyanga besanemali ebhange, umholo uphelela kwigilosa.
Ubalule ukuthi u-40% womholo ukhokhela izikweletu kanti abahola uR20 000 ngenyanga abakwazi ukuphila kahle ngenxa yezikweletu.
Abaneminyaka ewu-55 bakhathazeke ngokukhokhela izikweletu nokuthi ngabe banemali eyanele yomhlalaphansi.
IDebtBusters ithe abadinga usizo bangangena kwi-website yale nkampani ukuze balekelelwe ngezindlela zokuqeda izikweletu.