IZIKHULU ezangamele izikhungo ezibizwa ngamaThusong Services Centre bezinombuthano ngenhloso yokucobelelana ngolwazi emahhovisi oMkhandlu waseMgungundlovu.
Oyisikhulu soMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN, uNkk Bev Khanyile, uthe lezi zikhungo zidlala enkulu indima ekuhlanganiseni zonke izidingongqangi zomphakathi.
Uthe iCentre Management Forum umbuthano wabaphathi bamaThusong Services Centre, okuyizakhiwo ezisemqoka komasipala.
"AmaThusong Service Centre izikhungo zomphakathi lapho kusuke kusondezwe zonke izidingo zomphakathi endaweni eyodwa futhi ezindaweni zawo. Lezo zidingo kungaba ngezomnyango wasekhaya, Sassa, DSD nemfundo, nezinhlangano zomphakathi.“
Uthe kubuye kuxazululwe izinkinga ezikhungethe umphakathi.
Uthe kwiCentre Management Forum kusuke kuhlanganiswe zonke izimenenja zezikhungo ezingamaThusong.
"Inhloso yeCentre Management Forum ukuhlanganisa bonke abaphathi balezi zikhungo zaKwaZulu-Natal.
Ukuze abazidingida izinkinga abahlangabezana nazo ezikhungweni zabo. Lombuthano uyasiza kakhulu ngoba abaphethe amaThusong bayakwazi ukwabelana ngolwazi ngoba abenze kahle bayakwazi ukucobelela ozakwabo. Iphinde isize ekutheni bebodwa bayaqhudelana ngoba uma kukhona obona omunye owenze kahle, uthi 'nami ngizobuyela kumasipala wami ngifike ngenze kahle.'"
UNkk Khanyile lokhu kubuye kusize nomnyango ukuba ukwazi ukubheka ukuthi uhlelo olwengamele wuMnyango wakwaCogta luqhutshwa kahle.
UNkk Khanyile, obhekele ukuthuthukisa wonke amaThusong Centres, ucele zonke izimenenja ebezikhona ukuthi kumele ziqinisekise ukuthi ziyabalekelela abantu ukuthi bathole zonke izidingo zabo.
Ugqugquzele ukuthi yonke iminyango kaHulumeni kanye naleyo engenzi nzuzo ezimele isondele kakhulu kumaThusong ukuze abantu bathole izidingo zabo zindawonye ngale kokuthi bagibele baye ezindaweni ezahlukene ukuya kofuna izidingo.
IMeya yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi, ithe inhloso yamaThusong ukuthi abantu bafike kwisikhungo esisodwa kodwa esineminyango eminingi ndawonye ukuze abantu bazithole zindawonye izidingo zabo.
UZondi, obeyisikhulumi sosuku, uthe kulamaThusong kuvamise ukuba kunkanise amahhovisi akwaSASSA, DSD, Home Affairs, SAPS, awezolimo, awezempilo, akamasipala , amabhange kanye nokunye okuyizidingo zomphakathi.
UZondi ube esebonga wonke amamenenja ukuthi abe nempokophelo yokusebenzela abantu noma ngabe izimo zinzima kangakanani.