Kuqopheke umlando uMasipala wesifunda uMzinyathi usayina isivumelwano sokuthi ushintshe igama ungabe usabizwa ngoMzinyathi kodwa ubizwe ngokuthi iPrince Mangosuthu District Municipality.
Le ngqophamlando yenzeke KwaPhindangene eMahlabathini ngoLwesibili lapho ubuholi bukaMasipala, amakhansela namakhosi buphume ngobuningi kuzosekwa lo mbono.
Umasipala uMzinyathi uqale izingxoxo zokushintshwa igama ngo-2020 kodwa ukuqhutshwa kwazo kwaphazamiseka ngenxa yokubheduka kweCovid 19.
UMntwana waKwaPhindangene ukhothame sezifikile kuye lezi zindaba. Inkosi yaKwaButhelezi esesihlalweni uNtuthukoyezwe Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi ithe bewumndeni bayavuma ukuba uMzinyathi ungaqhubeka nalezi zinhlelo.
"Sithobeke kakhulu ukuba beze lapha ekhaya siluxoxe udaba yize sebake bayithumela incwadi phambilini. Yize siye sakuveza kubona ukuthi uMntwana wayengayithandisisi into yokuthi ahlonishwe ngenxa yepolitiki abanye belwisana nalokhu kanti phela abantu bebemhlonipha ngokweqiniso bebona imisebenzi yakhe. IMangosuthu University of Technology yakwenza lokhu kwaqanjwa neminye yemigwaqo ngaye. Bekusanda kufika abanye nje lapha ekhaya beqembu lezithuthuthu befisa ukubiza iqembu labo ngoMtwana," kubeka iNkosi.
IMeya yoMzinyathi uMnuz Petros Ngubane uthe uMntwana kuningi akwezele isizwe, akwenze eMzinyathi.
"Sibe sesihlala siwumkhandlu woMzinyathi savumelana nokuthi ahlonishwe. Sijabulile siswele imilomo yokubonga emndenini kusuka manje siyaqhubeka nezinhlelo silandela yonke imigudu efanele. UMntwana imisebenzi yakhe iyomhlala imlandela noma esesithele kithi eMzinyathi kakukho abengasiseki uma sikwenza sivula amanzi ubebakhona, kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon eba khona yonke iminyaka esiseka. Ukumhlonipha yinto ekade sasiyifisile siyabonga ukuthi umndeni namhlanje uthi masiqhubeke wenziwe lo msebenzi," kusho uNgubane.