KUYAQHUBEKA ukubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kukaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, nenyunyana yothisha iSadtu.
Le nyunyana inqume ukungamumemi engqungqutheleni yeshumi kazwelonke yale nyunyana, eqhubeka eBoksburg, eGauteng, esongwa kusasa.
Kule ngqungquthela kuzobhungwa ngezinselelo kwezemfundo, kukhethwa nabaholi abasha abazophatha iminyaka emihlanu.
Sekufana nesiko ukuthi izinyunyana zabasebenzi uma zinezingqungquthela, zibize uNgqongqoshe obhekele lowo mkhakha.
Le nyunyana ibingalenzi iphutha lokungamumemi obenguNgqongqoshe womnyango, uNkk Angie Motshekga, yize yake yangabona ngaso linye naye yaze yambhikishela.
Kulokhu ibize kuphela iPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo uDkt Reginah Mhlaule, ukuzothula inkulumo evela kumqashi.
Abanye abakhulumile kubalwa abaholi bamadlelandawonye, okuyiCosatu okukhulume uMengameli walo mfelandawonye uNksz Zingiswa Losi, uNobhala jikelele weSACP, uMnuz Solly Mapaila, nezinye izinhlaka.
Ingqungquthela ivulwe yiPhini likamengameli lezwe nele-ANC, uMnuz Paul Mashatile. NoMashatile ushilo ukuthi kubalulekile ukuthi uNksz Gwarube, abe nobudlelwano neSadtu ngoba iyona enkulukazi kwezemfundo.
“Kumele ngabe ukhona uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo kule ngqungquthela kodwa angimboni. Kuyadingeka azizwele izinselelo zothisha futhi uyadinga ukwakha ubudlelwano neSadtu,” kusho uMashatile.
Le nyunyana inamalungu angu-275 500 kwezemfundo.
UMengameli weSadtu uMnuz Magope Maphila, utshele amalungu ahambele ingqungquthela ukuthi akamenyiwe uNksz Gwarube.
Kuqhume ihlombe kwashaywa amakhwela ngesikhathi etshela amalungu ukuthi akulona iphutha njengoba engekho ingoba akamenyiwe.
Uthe kumele anikwe imiyalelo emine okuzomele ayilandele ngoba akaziphethe ngendlela.
“Imiyalelo ithi, kumele aqhubeke nomthetho wezikole osayiniwe, iBela Act, ngokushesha. Kumele athande iSadtu ngenhliziyo nangomqondo, ayithande le nyunyana aphinde afune izeluleko kule nyunyana ngaso sonke isikhathi.”
Ugxeke okwenziwa yi-DA eWestern Cape, ngokudiliza othisha abevile ku-2 000 ngenxa yezinkinga zemali ekubeni nezinye izifundazwe zibhekene nezinkinga ezifanayo.
“Ngesikhathi sihlangana naye wathi asibeke eceleni indaba yepolitiki, wathi uzosithinta afune izincomo ngezinto eziningi kwezemfundo. Samtshela kwezikabhoqo ukuthi sasingamfuni ngoba uvela kwi-DA, engayifuni iSadtu. Wabukela phansi uMengameli eduba umcimbi wokusayinwa komthetho ngoba ehambisana nokufunwa iqembu lakhe i-DA,” kusho uMaphila.
UNksz Gwarube uvumile ukuthi akamenywanga engqungqutheleni yeSadtu.
“Angimenywanga engqungqutheleni yeSadtu, sinabo ubudlelwano obuhle nale nyunyana. Okubalulekile ngiyabazisa ngezinto engizozenza emnyangweni, angibashiyile ngaphandle,” kusho uNksz Gwarube ekhuluma nesiteshi sethelevishini izolo ekuseni.