UYANDA umkhuba wokuhlaselwa kwabantu bedutshulwa emathaveni ezindaweni ezahlukene kuleli.
Kule mpelasonto, oshayasibhamu ababili bavulele ngenhlamvu kubantu abebesethaveni KwaNyamazane eMpumalanga. Kulesi sehlo esenzeke entathakusa ngeSonto, kudutshulwe abantu abangu-16, kwafa ababili, abane balimele kabi kanti abanye badedelwe ngokushona kwelanga esibhedlela.
Okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uColonel Donald Mdhluli uthe oyedwa ushonele endaweni yesigameko kanti omunye uphangalale esibhedlela.
“Ngokwemibiko etholwe endaweni yesigameko, kufike amadoda amabili ehlomile futhi ezivale ubuso entathakusa ngeSonto avulela ngenhlamvu. Kuthiwa abasolwa bashaye bachitha ngemva kwalesi senzo sabo,” kusho yena.
Kwesinye isigameko esenzeke eDaveyton eKurhuleni, kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha ngoMgqibelo ebusuku ethaveni yakule ndawo.
“Kuthiwa abagilwa bebehleli ngaphandle kwethaveni ngesikhathi kufika iqulu labantu abangaziwa bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona. Abagilwa abayisithupha bashonele endaweni yesigameko, oyedwa waphuthunyiswa esibhedlela,” kusho uColonel Dimakatso Nevhuhulwi okhulumela amaphoyisa eGauteng.
Kulokhu ukhomishana wamaphoyisa eGauteng uLt-Gen Elias Mawela wengeze izinsiza emaphoyiseni aphenya ngalesi sigameko ukuze kulandelwe umkhondo wabasolwa.