Iyaqaqamba inhliziyo yomholi we-EFF uMnuz Julius Malema, ngokulaxazwa yiphini likamengameli waleli qembu uMnuz Floyd Shivambu, ojoyine iqembu eliholwa owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma.
UMalema ufanise ubuhlungu abuzwile ngokusula kukaShivambu nangesikhathi ezwa ngokudlula emhlabeni kukanina.
UShivambu uthumele incwadi yokusula kanti uMalema uthe babe nengxoxo ende naye.
“Iminjunju engiyizwayo ifana nangesikhathi ngizwa izindaba zokushona kukamama. UFloyd ubengeyena nje umlingani kwezepolitiki kodwa ungumfowethu. Uzohlale engumfowethu futhi naye ngimtshelile ukuthi ukushiya kwi-EFF kufana nokuthi uzishiya yena ngoba ungumsunguli waleli qembu,” kusho uMalema esithangamini nabezindaba izolo lapho obumbona ukuthi udumele ngalesi sigameko.
Uveze ukuthi uyazi ukuthi kukhona abanye abazwelana noShivambu, abasazohamba.
“Kunabanye engibaziyo ukuthi vele bebebhobhe kwi-EFF nakwiMK. Kodwa bengingalindele ukuthi ngingashiywa nguFloyd. Umgomo we-EFF uthi osehambile akaphinde abuyele kwi-EFF kodwa kuFloyd ngiyawushintsha lo mthetho noma yinini wamukelekile uma esefuna ukubuya.”
Uthe akananxa neMK ngokuhlwitha uShivambu wathi ngeke bamvimbe umuntu onqume ukuthatha enye indlela.
UMalema uchithe nokuthi uShivambu ushiya ngoba bengazwani noma ebefuna ukumphonsela inselelo njengoba kuzoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngasekupheleni konyaka.
“Belungekho ungabazane ngesikhundla sikaShivambu, nokuthi kukhona abebesisikaza ngejozi. Bakhona engizwe ukuthi bazophonselwa inselelo njengonobhala jikelele uDlamini. Esephini likamengameli angizwanga ukuthi kukhona osisikaza ngejozi kanjalo nokuthi uShivambu ubezongiphonsela inselelo,” kuqhuba uMalema.
Uthe ngeke life leli qembu ngokuhamba kukaShivambu.
“Kuvuleka isahluko esisha futhi siyavivinywa. Amalungu awame isibindi iqembu aliyi ndawo. Noma singahamba kodwa lona lizohlale likhona.”
UMalema uthe uyoze afe eyilungu le-EFF.
“Ibhokisi lami liyobe ligoqwe ngemibala ye-EFF. Angisoze ngajikela abantu abama nami, abanye baze baxoshwa, balahlekelwa yimizi nemisebenzi ngesikhathi bengiseka ngixoshwe kwi-ANC, ngayovula i-EFF.”
Uthe ngeke basivale isikhundla sikaShivambu ngoba kubhekwe engqungqutheleni.
“Uma sifaka umuntu esikhundleni sephini likamengameli kuzosidalela inkinga. Uma engasakhethwa engqungqutheleni kuzoba nesixakaxaka ngoba uzobe ezibona ekhethwa,” kusho uMalema.
Encwadini yokusula uShivambu uthe unqume ukungabuvuseleli ubulungu bakhe wathi uyashiya eqenjini futhi uyahoxa kuzona zonke izikhundla nokujutshwa ePhalamende.
Uthe akathandi ukukhuluma kakhulu ngeqhaza lakhe kwiMK wathi uyokhuluma ngesikhathi esifanele.
Ukuchithile ukuthi ubevakashele eNkandla muva nje eyobonana noZuma.