KUBANJWE umoya ngesimo samabhishi aseThekwini njengoba kubhekwe kumaholidi.
Amalungu esigungu esiphezulu kuMasipala waseThekwini, amincele ukuthi isikhathi samaholidi sifike onke amabhishi akuleli dolobha esevuliwe.
Iningi lamabhishi aseThekwini ake avalwa isikhathi eside ngenxa yokutholakala kwegciwane, i-E.coli.
Amabhishi aseThekwini ajwayele ukuheha izinkumbi zabantu ezisuke zizobhukuda njengoba lijwayele ukukhipha umkhovu etsheni ngesikhathi samaholidi kaDisemba.
Emhlanganweni wesigungu esiphezulu obuyizolo, kwenziwe isiphakamiso sokuthi umkhandlu uhlole nsuku zonke ukuthi amabhishi akulungele yini ukuthi kubhukudwe kuwo.
Ilungu lekomiti, uNksz Yogis Govender, lithe imiphumela yokuhlolwa kwamanzi kufanele ishicilelwe nsukuzonke.
“Njengoba kuzovalwa izikole maduze, baningi abantu abazothutheleka emabhishi. Kubalulekile ukuthi abantu banikezwe ulwazi nsuku zonke ngokuphepha kwamabhisi ethu. Phakathi kwezivakashi zethu, kukhona nabantu abasuka ezindaweni ezikude, abangazi ukuthi imaphi amabhishi okufanele bangabhukudi kuwo. Kubalulekile ukuthi labo bantu banikezwe imiphumela yokuhlolwa kwamanzi. Le miphumela kufanele ishicilelwe nsukuzonke.”
UNksz Govender uthe yize kusanda kuvulwa amanye amabhishi aseThekwini abekade evaliwe, lokho akusho ukuthi isixazulekile inkinga yokungaphephi kwamanye amabhishi aseThekwini.
“Akusiwo wonke amabhishi asevuliwe. Kusenenkinga enkulu ikakhulukazi kulawo asenyakatho yeTheku. Iqiniso ukuthi njengomanje sibhekene nenkinga enkulu eThekwini, lapho indle ichithekela emanzini. Kubalulekile ukuthi senze izinto ngokuqaphela.”
IPhini leMeya, uMnuz Philani Mavundla, obengusihlalo womhlangano wayizolo, naye unanele amazwi kaNksz Govender.
“Isiphakamiso sokuthi amanzi ahlolwe nsuku zonke sibalulekile. Ngicabanga ukuthi lesi isiphakamiso sonke esihambisana naso. Nginxusa ukuthi umkhandlu wenze isiqiniseko sokuthi amanzi ayahlolwa zonke izinsuku.”
Ilungu lekomiti, uMnuz Nkosenhle Madlala, uthe amabhishi adlala indima enkulu ekuheheni izivakashi ezithutheleka eThekwini ngamaholidi.
Uthe ukuvalwa kwamabhishi ngalesi sikhathi kungaxosha izivakashi.
“Ukuthutheleka kwezivakashi kufukula umnotho waseThekwini. Kubalulekile ukuthi sithole izivakashi eziningi ngesikhathi samaholidi.”
UMadlala uthe umasipala kufanele ube nomkhankaso lapho uzokwazisa abantu ngamabhishi avuliwe.
“Ngenxa yezinto ezimbi ezibikwayo kwabezindaba, sekubukeka sengathi wonke amabhishi aseThekwini avaliwe. Lokhu akusilo iqiniso. Iningi lamabhishi avuliwe.”
Iningi lamabhishi aseThekwini lisanda kuvulwa ngasekuqaleni kwale nyanga.
Amanye awo ayekade evalwe ngo-Ephreli, emva kokuhlasela kwezikhukhula, kanti amanye ayekade evalwe ngoMeyi, ngemuva kokuthi kutholakale ukuthi anezinga eliphezulu legciwane i-E.coli.
Lokhu kwenzeka emva kokulimala kwamapayipi ahambisa indle, nokwaholela ekutheni indle igelezele emifuleni, yagcina ingene olwandle.