INYUNYANA yabasebenzi bensimbi, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), isicele uNgqongqoshe wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uMnuz Ebrahim Patel, ukuba angenelele odabeni lokudilizwa kwabasebenzi e-ArcelorMittal.
Kuzokhumbuleka ukuthi i-ArcelorMittal imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi abawu-3 500 emafemini ayo aseNewcastle KwaZulu-Natal naseVereeniging.
UNobhala Jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe kubalulekile ukuthi uPatel angenelele kulolu daba ngoba ukuphela kwemisebenzi e-ArcelorMittal kuzogcina sekuqeda imisebenzi ewu-20 000 embonini yensimbi.
“I-ArcelorMittal ikhala ngezinkinga zamaguzu nokunqamuka kukagesi umlibe. Izinkinga okufanele zisukunyelwe wuhulumeni ngoba kunezimboni ezisebenzisana ne-ArcelorMittal ezizothikamezeka njengoba ihlela ukudiliza. Sebebonke abantu abazothinteka ngenxa yalesi sinqumo bawu-20 000 uma sesibala nezinye izimboni ezincike kwi-ArcelorMittal,” kusho uJim.
Uthe bafuna uPatel aqoke ithimba eliyisipesheli elizolungisa izikhalo ze-ArcelorMittal ukuze kube nesisombululo.
“Asikwazi ukubuka abantu abaningi kanjena bephelelwa wumsebenzi. Kufanele lumiswe uhlelo lokudiliza abantu kuze kube kutholwa isisombululo ezinkingeni ze-ArcelorMittal. Sizokhuluma nazo zonke izinhlaka ezifanele ukuze sithole isisombululo. Sifuna nokuqonda kabanzi ngezizathu ezenze ukuthi i-ArcelorMittal ithathe lesi sinqumo,” kusho uJim.
Ubalule ukuthi kunezimboni ezidinga umkhiqizo we-ArcelorMittal ukuze zikwazi ukwenza umsebenzi wazo.
Uveze ukuthi le mikhiqizo ayitholakali kuleli ngoba ikhiqizwa yi-ArcelorMittal kuphela.
“Ziwu-15 izimboni ezizophoqeleka ukuba zithenge insimbi kwamanye amazwe. Okusho ukuthi imisebenzi izophela. Okunzima wukuthi uma kuthengwa insimbi kwamanye amazwe kuthatha izinyanga eziwu-12 ukuba ifike kuleli. Lokhu kuzoholela ekuvalweni kwazo zonke lezi zimboni. Zidilize abantu abawu-20 000. Yingakho sithi kufanele lusukunyelwe ngokushesha udaba lwe-ArcelorMittal,” kusho uJim.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuhlenga imisebenzi yabantu.
Isolezwe lithumele i-email kobhekelele ezokuxhumana eMnyangweni wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana, uthe uzodlulisela imibuzo ehhovisi likaPatel.