Osomabhizinisi abahlukene baKwaZulu-Natal bathole ithuba nokukhangisa ngemikhiqizo yamabhizinisi abo ezihambelini zomcimbi wokuvulwa kwengqungquthela yezokuhwebelana, i-reSURGEnce Conference, e-ICC, eThekwini, ngoLwesine.
Kule ngqungquthela, ezoze iphethwe ngeSonto, nezoba nezigcawu ezahlukene zokucobelana ngolwazi lokuchuma kwezamabhizinisi. Kunosomabhizinisi abawu-120 abazokhangisa ngamabhizinisi abo.
UNkk Agnes Mhlongo weSwitched on Trade CC, yaKwaNyuswa, uthe ukuba kulo mcimbi kusho lukhulu kuyena futhi wethemba ukuthi kuzoba nomehluko obonakalayo ebhizinisini lakhe lezimpahla zokugqoka azithunga ngesandla, aliqala ngo-2005.
“Ngizele ukuzokhangisa ngebhizinisi lami ezithamelini zamazwe omhlaba ngoba ngiyazi ukuthi ziyithanda kabi imikhiqizo ehlukile nemihle njengeyami. Ngifuna nokwakha ubudlelwano obuzoba wusizo ebhizinisini lami ngesikhathi esizayo,” kusho uNkk Mhlongo.
UMnuz Sifiso Ngcobo naye ongomunye wosomabhizinisi ababezokhangisa emcimbini, uthe ithuba elinjengaleli liwusizo kakhulu kosomabhizinisi abanjengabo abangakachumi.
Lo somabhizinisi owumdwebi nosebenzisa upende ukwenza izithombe zemidwebo uqhube wathi wethemba ukuthi le ngqungquthela izoba nomehluko omkhulu ebhizinisini lakhe ikakhulu ngoba bayindlala abamnyama abenza lo msebenzi.
“Into engiyibheke kakhulu ngokuza lana wukwakha ubudlelwano obuzongisiza ngokungivulelela amanye amathuba ngomuso, nokuthi ngikwazi ukuthola eminye imicimbi efuze lona yokusabalalisa umkhiqizo engiwenzayo,” kusho yena.
Le ngqungquthela izoqhubeka futhi namhlanje ngemibukiso yosomabhizinisi futhi kube nezingxoxo zokucobelana ngolwazi lokuhwebelana nokusebenzisana kwiziphathimandla zamazwe ehlukene omhlaba okubalwa nezaseMelika.
NgoMgqibelo kuzovakashelwa izindawo zokuvakasha ezahlukene zaseThekwini, kube nomcimbi womculo wokholo kusihlwa, bese kuvalwa ngemvuselelo ngeSonto emini.