UDABA lokuqashwa kothisha ezikhungweni zokuvota lubukeka luwutwayi abalunwaya luvumbuke abe-IEC, nakuba sebezame konke ukuchaza kodwa uyavutha umlilo. I-IEC isolwa ngokuqasha othisha beSadtu, edlelana ne-ANC okuyinto eyenza abaningi bashaye amakhala ngayo.
Isikhathi esiningi ezikhungweni zokuvota kuba nothisha baze babe ngabaphathi balezo zikhungo. Othisha njengabo bonke abasebenzi nabo bangamalungu ezinyunyana. Izinyunyana zibuye zibe nobudlelwano namqembu ezepolitiki.
Lolu daba luvela nje, izwe lishanela amabala wena owabona kungena udwendwe ngoba kulungsielelwa ukhetho lukazwelonke. UMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa uselukhombile usuku, kuzovotwa ngoMeyi 29.
Kumenyezelwa usuku nje, luyabangwa udaba lokuqashwa kothisha ukuthi baphathe umsebenzi wokuvotisa.
Udaba lukhulunywe kakhulu yi-EFF ithi njengoba iSadtu idlelana ne-ANC, bese othisha abangamalungu ayo bevotisa, kungase kube nenkinga yokwenzelela. I-EFF ithi lokhu kuzodala ukuthi imiphumela yokhetho ingathembeki.
Okhulumela i-EFF uMnuz Sinawo Tambo ukhulume kabanzi ngodaba.
“Lokhu kudala ukuthi uhlelo lokhetho ludungeke ngoba phela kuyaziwa ukuthi iSadtu indawonye neCosatu bonke beseka i-ANC. Lokhu kusho ukuthi bafisa ukuthi i-ANC inqobe ukhetho. Kukhona abantu abaneziqu abanamakhono abangasebenzi ngabe kuqashwa bona esikhundleni sokuqasha abantu abavele besebenza,’’ kukhononda uTambo.
Uthe bazimisele ngokulwa kuze kube sekugcineni ukuphikisana nokuthi othisha beSadtu bavotise ezikhungweni. UTambo uthe kufanele kube nomgomo ovimba lokhu ukuthi kwenzeke ukuze imiphumela yokhetho ibe qotho.
I-EFF ithe abasuke bemele amaqembu ezikhungweni zokuvota kufanele ihlale ineso elibukhali igade ukuthi akukho yini ukukhwabanisa okwenzekayo.
Umholi we-UDM uMnuz Bantu Holomisa, naye uke wazijikijela izagila zakhe kwi-IEC eyisola ngakho ukufaka abantu beSadtu ezikhungweni. UHolomisa ubhale enkundleni yokuxhumana iX, ekhala ngokuthi akufanele kuvunyelwe lokhu.
“ I-IEC ifaka othisha beSadtu ukuthi bavotise ekubeni le nyunyana idlelana neCosatu ehambisana ne-ANC. Emhlanganweni wethu singamaqembu aphikisayo ngoFebhruwari 26, kufanele sithathe isinqumo sokuvimba ukukotelwa kwemiphumela yokhetho,’’ kubhoka uHolomisa.
Uzithintele iziqandu kwiSadtu evele yakhipha isitatimende isola uHolomisa ngokungcolisa igama layo ekubeni kade waba khona kwezepolitiki.
“Usopolitiki omdala kulo mkhakha ukhuluma amanga aluhlaza nje. I-IEC ayiqashi abantu beSadtu kodwa iqasha abantu bonke okubalwa nothisha phakathi abasuke befanelwe wumsebenzi. Kukhona othisha abaphuma kwezinye izinyunyana ababamba iqhaza kwezepolitiki nakuyona i-UDM futhi bayaqashwa nabo,’’ kubhala iSadtu, esitatimendeni.
ISadtu ikhala ngokuthi uma uHlomisa engalwethembi uhlelo lokuvota pho kungani evumile ukuya ePhalamende elikhethwe ngevoti?
Isikhulu se-IEC uMnuz Mashego Shiburi, sike sayichaza indaba yokuqashwa kothisha sakuchitha ukuthi babeka phambili abeSadtu. UShiburi uthe kunemigomo elandelwayo ukuhlonza bafanelwe wukusebenzela i-IEC.
Uthe kunekomiti lamaqembu wonke lapho asuke enethuba lokubeka imibono noma izikhalo uma kukhona angeneme ngakho.
“ Lokhu kusho ukuthi amaqembu anethuba lokubeka imibono ngemigomo yokuqasha. Awukho umthetho othi i-IEC kufanele iqashe othisha kuphela ichithe abanye abantu. Awukho umthetho othi kufanele kuqashwe othisha benyunyana ethile kuphela. Uma siqeda ukuqasha abantu amagama abo ayahanjiswa emaqenjini anikwe ithuba lokusola,’’ kuchaza uShiburi.
Uthe i-IEC iyababhekisisa abantu uma ibaqasha ukuthi abayona yini ingxenye yamaqembu ezepolitiki abake bawamela okhethweni. Uthe baze babheke nokuthi umuntu abazomqasha akaze alahlwe yini yicala lobugebengu.
Izinsolo zokukhwabanisa zihlala zikhona uma kuvotwa futhi zivame ukuvezwa yilabo abasuke behlulwe okhethweni. Uma kuphume imiphumela yokhetho, lisuke livuliwe ithuba lokuthi uma kukhona onganelisekile afake isikhalo.
Othisha nabanye abantu abasuke beqashwe yi-IEC, bayaqeqeshwa kakhulu ngendlela okusingathwa ngayo umsebenzi ukuze imiphumela ibe nobuqotho. Zikhona nezindlela i-IEC eyenza ngazo ukwesula umsebenzi wokhetho.
Labo abaveza izikhalo ngokuqashwa kothisha abangamalungu enyunyana edlana ne-ANC akufanele basolwe ngalokhu. Izwe okuphilwa kulona ligunyaza ukuthi abantu beze noma babeke imibono yabo ukuze baneliseke.
Okufanele kwenzeke nje wukuthi i-IEC izinike isikhathi ichaze njalo uma kukhona imibuzo equbukayo ngokusebenza kwayo ukuze konke kuhlale obala. Ukhetho luyinto enkulu kabi ephethe ukufa nokuphila kwezwe, akufanele iba namathizethize nongabazane.
Ngenhlanhla elakuleli alikaze elibe nombango omkhulu kuze kusuke impi ngemiphumela yokhetho kufane namanye amazwe ase-Afrika. Kwamanye amazwe imiphumela yokhetho ike ibangwe kume yonke into kuphazamiseke uzinzo ezweni.