ASEFISA ukuthutha endaweni ukuze aphephe amanye amalungu omphakathi ngenxa yetwetwe kufufusa impi yezigodi ezimbili KwaNongoma okukholakala ukuthi kuqalwe wukubulawa komfundi owagwazwa ngomunye ngoJulayi.
USeluleko Zondi (17), wasoNyango khona KwaNongoma, kuthiwa washona emva kokugwazwa ngomunye umfundi obehlala esigodini sakwaMusi, okuthiwa wamgwaza ngaphakathi emagcekeni esikole. Lo mfundi ubenza u-grade 12 esikoleni esisendaweni, iSihlahlasenkosi High. Kuthiwa ingxabano yabo yayiqale ngaphandle kwesikole kanti kukholakala ukuthi umsolwa waboshwa wadedelwa ngenxa yeminyaka yakhe.
Kukholakala ukuthi lesi sigameko yisona esiholele ekuhlaselweni kwabesilisa abayisithupha okuthiwa bebehleli beziphuzela esitolo esikwaMusi ngoMgqibelo. Kuvela ukuthi badutshulwe ngabasolwa abangaziwa abebehlome ngezibhamu, kwashona ababili uChunu Mchunu ophelele endaweni yesehlo noSandile Ngubo, yena oshone emva kokungeniswa esibhedlela. Kulimale abanye ababili abangeniswe esibhedlela.
Umthombo weSolezwe, okhona endaweni, uthe emva kwezinsuku kubulawe uSeluleko, kubulawe uThuba Mncwabe wakwaMusi ohlaselwe wadutshulwa ehostela eliseJeppestown eGoli okukholakala ukuthi ubulawe ngabasesigodini sasoNyango.
“Emva kwaleso sigameko kuhlaselwe uGcwala Khumalo obeyinduna yezinsizwa wakwaMusi obulawelwe emzini wakhe nokukholakala ukuthi uhlaselwe abasoNyango.“
Kuthiwa lokhu kwenzeke emva kokudutshulwa kukaNzama (igama lakhe esingenalo) wasoNyango okukholakala ukuthi udutshulwe abakwaMusi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Simanga Mbatha, likhuluma neSolezwe, lithe sekuphoqe ukuthi imeya yaKwaNongoma nezinduna baye eGoli ukuyobhula umlilo.
“Kubulawa laba ngoMgqibelo, izinduna nemeya bebeseGoli ngalo isonto eledlule ukuyokhuluma nezinsizwa ngalesi sigameko. Isimo sibi kangangoba sekunamalungu omphakathi athi asesaba nokuphuma ebusuku azivalela ezindlini kanti amanye asefisa nokuthutha endaweni. Siyafisa ukuthi umphakathi usebenzisane namaphoyisa ukuze kubanjwe abenzi bobubi bavalewe,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya amacala amabili okubulala nawokuzama ukubulala ngesigameko esenzeke ngoMgqibelo.