KUSOLWA ukuthi ukuzibandakanya nezinto ezikhathaza umphakathi, yikhona okudonsele amanzi ngomsele isishoshovu somphakathi esiyilungu le-EFF kuMasipala waseBaqulusini, esidutshulwe eduze kwakubo ngabasolwa abangaziwa.
UMnuz Simangaliso Zwane (42) waseShoba eVryheid, kuthiwa udutshulwe ngoLwesine okukholakala ukuthi kwenziwe ngabamfonele bazenza abafuna ababoleke itende lomcimbi nezitulo, okuyibhizinisi abelenza.
UMnuz Zipho Zwane oyisihlobo somndeni ophinde abe wuSihlalo we-South African National Civic Organization esifundeni iZululand, elandisa Isolezwe uthe umufi kuthiwa uphume emva kokuthola ucingo oluthile kukhona abemnxusa ukuthi bahlangane esitolo esiseduze, obedukile obezoboleka itende, ngalo uLwesine ntambama.
“Udutshulwa nje, ngayizolo bekunecala abelihambele labasolwa ngokuzama ukubulala uMnuz Sandile Mtshali, oyiPhini likaSihlalo we-South African Municipal Workers Union, okwenzeke ngenyanga edlule. Yize singeke siqagele ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene yini namacala enzekayo endaweni abenganqeni ukuphumela obala ngawo, kodwa ubenakho ukusho ukuthi kukhona abamfuna efile,” usho kanje.
Uthe umufi ubejwayele ukuthi uma kunamacala athinta inkohlakalo noma ubugebengu emphakathini, aphumele obala akhulume ngokungesabi, kangangoba noma abasolwa beboshwa ubeba sekhaleni ehola umphakathi ukuyobhikisha ngaphandle kwenkantolo ngenhloso yokufaka ingcindezi ukuthi bangayitholi ibheyili.
Uthe isifiso sabo ukuthi icala lokubulawa kwakhe liphenywe ezingeni lesifundazwe njengoba kukhombisa ukuthi izinga lokudutshulwa kwabantu lidla lubi endaweni kanti isikhathi esiningi amanye amacala avele aphelele ezeni, kungaboshwa muntu
UMnuz Thulani Ndlovu owuSihlalo we-EFF esifundeni iZululand, uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kukaZwane.
“Sizwelana kakhulu nomndeni wakhe, sonke silimele. Ubewumuntu obewukhathelele umphakathi, esebenza ngokuzikhandla ekukhuliseni iqembu. Iyasithusa indlela okwenzeke ngayo ngoba kuyakhombisa ukuthi yinto ebihleliwe. Uvalo esinalo ukuthi asazi ukuthi bangaki abantu abakhathalele umphakathi asebehlelelwe ukubulawa njengoba kukhombisa ukuthi kunabantu abasemkhankasweni wokubulala,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseVryheid aphenya icala lokubulala