LIZOHLAWULISWA uR1 193 iqembu lezepolitiki uma lisuselwa uqwembe lokhetho olulodwa kweziphanyekwe ezigxotsheni kusuka ngoMsombuluko (Julayi 1).
Lesi saziso sikhishwe uMasipala weTheku esitatimendeni osithumele abezindaba izolo.
Lo mkhandlu uthe ukhetho lwangoMeyi 29 lufike lwadlula, wakhuthaza amaqembu ezepolitiki ukuthi asuse izingqwembe ungaze uzisuse ngokwawo.
Ibamba lemenenja ebhekele ezokukhangisa, uMnuz Sagren Naicker, lithe umgomo wabo uthi zonke izingqwembu kumele zisuswe zingakapheli izinsuku ezingu-30 kudlule ukhetho.
Uthe lesi sinqumo esathathwa emhlanganweni wamakhansela ngoDisemba nyakenye.
“Uma amaqembu ezepolitiki ehluleka ukususa lezingqwembe ngokwawo, esikhathini abekelwe sona, umasipala uzozisusa ngokwawo bese uhlawulisa lelo qembu ubheka isibalo sezingqwembe ozisusile,” kuchaza uNaicker.
Uthe lomgomo ufaka phakathi nalawo maqembu ayekade egunyazwe ukukhangisa kothalawayeka nasemabhishi ngokhetho.
Uqhube wathi umasipala wenza isiqiniseko sokuthi ilandelwa njengoba injalo imithetho yedolobha futhi akukho namunye onegunya lokukhangisa ngaphandle kokuthi anikezwe imvume.
Imenenja kaMasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele, ihambe emazwini kaNaicker, yathi ukhetho ludlulile ngakho azisuswe izingqwembe.
“Ukususwa kwazo kuzosisa ukugcina umasipala uhlanzekile ngoba ezinye izingqwembe zipheshulwe umoya ezinye zilenga ngendlela enobungozi,” kusho uMbhele.