UMA ama-Springboks esebhekene nama-All Blacks kule mpelasonto eStade de France emdlalweni wamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Rugby ebhekwe ngabomvu ngo-2023, kuzobuya emqondweni omunye wemidlalo oyohlale ukhumbuleka: umdlalo wamanqamu owawuphakathi kwe-Ningizimu Afrika ne-New Zealand, owawudlalelwa enkundleni yezemidlalo i-Ellis Park ngo-1995.
Yize engekho owaziyo ukuthi ngubani ozophakamisa indebe iWebb Ellis ngoMgqibelo, lokho akuyivimbi iDStv ukuthi ibungaze.
Izinsuku ezimbili kuphela, abathandi bezemidlalo nezikaqedisizungu bazokwazi ukuhlanganyela emndenini we-DStv Stream-ngo-R19.95 kuphela.
Uma ubhalisela ukukhokhela iDStv Stream Access ngo-Okthoba 28 noma ngo-Okthoba 28, 2023, ungajabulela inyanga yakho yokuqala ngenani ongeke ulithole ndawo lika-R19.95 - okuyimali engaphansi ngisho kweyenkomishi yekhofi - ukuze wonke umuntu akwazi ukuthokozela ama-Boks uma esebhekene nesitha sawo esidala.
Le ntengo engeke yakuphuthela - ebandakanya nohlelo olwengeziwe lokungena ngeselula enyangeni yokuqala - luqala ngo-00:01 ngo-Okthoba 27 kanti luze luphele ngo 23:00 ngo-Okthoba 28.
Iyatholakala kubo bonke okuyimanje abangayibhalisele iDStv Stream.
“Wonke amehlo azobe ethe njo eParis kule mpelasonto kokubukeka kuzoba umdlalo wamanqamu osezingeni eliphezulu womqhudelwano othokozisayo. Siyi-DStv, sifuna ukuhlanganisa ndawonye abantu abaningi-asifuni ukuthi kube khona osalela ngaphandle edilini lezemidlalo elikhulu emlandweni wezwe lethu,” kusho uMarc Jury, oyisikhulu esiphezulu seMultiChoice South Africa.
Ukujabulela lolu hlelo lwamanani aphansi, vakashela ku-dstv.com/1995
Njengohlelo oluyisiqalo lomndeni wakwa-DStv, iDStv Access inika ababukeli izinhlelo ezehlukile ngentengo ekahle, igcina wonke umuntu ethe njo ekhaya lezikaqedisizungu, noma ngabe uthanda ezemidlalo, imidlalo evutshelwe ekhaya noma izindaba ezithinta indlela yokuphila.
IDStv Access Stream iyatholakala ngo-R99 ngenyanga (kubalwa ne-Extra Stream). Ungabhalisa kalula online, kusenesikhathi ukuze ubuke ukaputeni uSiya Kolisi neqembu lakhe bengena begijima emabhukwini omlando.
Yize ama-Boks esebe ngompetha izikhawu ezintathu ze-Rugby World Cup (ngokuphakamisa indebe ngo-2007 nango-2009), iNdebe yoMhlaba yango-1995 ithathwa njengomzuzu wokuqala wokuhlanganinsa abantu emlandweni wezwe. Umqhudelwano wango-2023 uyisikhumbuzo sokuthi #Sinamandla Uma Sihlangene.
Ungaphuthelwa umdlalo weNingizimu Afrika ibhekene ne-New Zealand, ozokhonjiswa bukhoma ngoMgqibelo, Okthoba 28 ngo-21:00 kwiSuperSport Variety 4 (DStv 209).
I-England izobhekana ne-Argentina bebanga indawo yesithathu ngoLwesihlanu, Okthoba 27 ngo-21:00, bukhoma ku-SuperSport Variety 4 (DStv Channel 209).