UMBANGO wamathenda nezintombi kanjalo nokuziphindiselela ngezinye zezinto eziyimbangela yokubulawa kwamakhansela kuleli.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, obephendula ilungu leDA ePhalamende elikhulumela amaphoyisa, uMnuz Andrew Grant Whitfield, elibuze ukuthi kusuka ngoJanuwari 1, 2018 mangaki amakhansela asebulewe kuleli kanjalo nezizathu zokubulawa kwawo.
Ubuze nokuthi yibaphi omasipala kuleli okudlange kubo ukubulawa kwamakhansela.
UCele uthe okunye ukubulawa kwamakhansela kuhlangene nokuziphindiselela, ukususa labo abazoba ofakazi, umbango wokuthi iliphi iqembu elizophatha kanjalo nokubanjwa kwenkunzi kwamanye.
“Kusuka ngo-2018 kuze kube yimanje angu-55 amakhansela abulewe kuleli. IKwaZulu-Natal yisona sifundazwe esinesibalo esiphezulu samakhansela abulawayo,” kusho uCele.
Uthe esinye isifundazwe esilandela iKZN, okufe kuso amakhansela angu-22 kusuka ngo-2018, yi-Eastern Cape ngamakhansela angu-17.
Uveze ukuthi uMasipala waseThekwini yiwona ophambili eKZN ngokubulawa kwamakhansela.
“Angu-9 amakhansela abulawe ngalesi sikhathi eThekwini. Kulandela uMasipala uMsunduzi ngamabili, uMsinga ngamabili kanjalo noMvoti ngamabili.”
E-Eastern Cape uMasipala iNelson Mandela Metro uzihola phambili ngezibalo zamakhansela abulawayo njengoba engu-10.
Kulandela uMasipala iWinnie Madikizela Mandela ngamakhansela amathathu neNgquza Hill ngamabili.
UCele uthe bangu-79 abantu asebeboshiwe ngokubulawa kwamakhansela kuleli.
Uthe abanye sebalahlwa amacala bagwetshwa kanti abanye basahamba izinkantolo.
“Bayisithupha asebelahlwe amacala ngokubulala amakhansela. Abanye basahamba amacala,” kusho uCele.
UCele useke wakhala ngokuthi kufana nasesilaheni kulesi sifundazwe ngokubulawa kwabaholi okubalwa nezinduna namakhosi.
Kwaze kwasungulwa nekhomishini eyayibheka ukubulawa kwabaholi, iMoerane, eyathola ukuthi ukubulawa kwamakhansela kwenzeka ngaphakathi emaqenjini njengoba amalungu eqembu elilodwa ebulalana wodwa, kokunye iqembu lelinye iqembu libulale elinye ilungu lakwelinye iqembu.
Udaba lwamathenda nolokubangwa kwezikhundla alusalanga ngaphandle kule khomishini njengoba yahlonza ukuthi ngezinye zezizathu ezenza kubulawe amakhansela.