KUVELE ukuthi bese kunesikhathi bengahoshelani onogada ababili abafe esigamekweni sokudubulana kwabo emahhovishi kaMasipala uMhlathuze ngoLwesine ekuseni.
Kulesi sigameko kufe ujuqu uMnuz Simo Zulu obeqapha uyise oyimenenja kuwona lo masipala. Kusolwa uzakwabo uMnuz Ntokozo Mthembu oqapha imeya yakhona eMhlathuze ngokumdubula kanti naye uzogcina edutshulwe ngozakwabo washona.
IMeya uMnuz Xolani Ngwezi uveze ukuthi kusukela ngoDisemba nyakenye laba baqaphi bebengabhekani.
"Kuqale ngoDisemba esontweni lesithathu. Ngalolo suku sasiyebhishi, wayekhona uMageba (Imenenja yaseMhlathuze) wakubona ngamehlo kwenzeka phambi kwethu.
“Ngakuzama okungangamandla ami ukungenelela ukuxazulula isimo, ngeshwa kugcine sekuphelela lana," kusho uNgwezi.
Eqhuba uthe ngosuku lwesigameko laba bobabili kusolwa ukuthi konakala uma kuhlangana amehlo nokuholele ekutheni bajikijelane ngamagama ayiziswana.
Yilapho kuqale khona udweshu nokusolwa ukuthi uMthembu ubesedonsa isibhamu waqonda ngqo kuZulu wamdubula maqede wadla phansi kwaze kwabe naye uyadutshulwa.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, unxusa izinhlaka zomthetho ukuthi zenze upheno olunzulu kulandela isigameko.
Kwisitatimende esishicilelwe wumnyango, uNkk Sithole-Moloi uthe omasipala yindawo okumele ihlale iphephile kuwona wonke umuntu, bakhululeke nabazofuna izidingo.
"Ukulahleka kwemiphefumulo kulesi sigameko kuyinto ebuhlungu nethikameze abasebenzi, amalungu omphakathi nabaholi kumasipala.
“Sinxusa abasebenzi behlise amaphaphu bagweme nokungabhebhethekisa udlame. Sicela abantu bahlangane babambisane kuzilwe ngokuthula, kufinyelelwe kwizinqumo ezinokuthula," kusho uNkk Sithole-Moloi.
Eqhuba unxuse umasipapla ukuthi uthathe izinyathelo ezifanele.
“Sinxusa nanoma ubani ongaba nolwazi mayelana nalesi sigameko ukuba alekelele amaphoyisa," usho kanje.
Ephetha udlulise amazwi enduduzo kubona bonke abathintekile ngesigameko.
"Sizwelana kakhulu nemindeni, ababangani, izihlobo, ozakwabo nabasebenzi bonke kumasipala. Kuyethusa ukwehla kwalesi sigameko phambi kwabasebenzi namalungu omphakathi.
“Sizobambisana neminye iminyango kuhulumeni ukuhlinzeka abasebenzi namalungu omphakathi ngosizo lokwelulekwa ngokwengqondo njengoba ebone kwenzeka lesi sigameko esishaqisayo," kusho uNkk Sithole-Moloi.