UBENQATSHWELWA yisoka lakhe ukuthi ahambise ukudla kwesitokfela kubo uthisha ohlahlelwe ingalo yangakwesokunxele, isandla sangakwesokudla sasala silenga eMngamunde Reserve, KwaNongoma.
UNksz Happiness Nxumalo (35) waKwaQondile, eJozini, usezophila impilo yakhe yonke enesandla esisodwa kulandela ukuhlahlelwa ngocelemba yisoka lakhe abebehlala nalo maqede lazikhunga ngoLwesibili.
Lo wesifazane ngoLwesine ubesesibhedlela iSt Augustine eThekwini, ezohlinzwa.
“Bengingasho ekhaya ukuthi uyangishaya, njalo uma ephuzile ubengishaya. Ukuqala kwami ukulala esibhedlela bekungo-Ephreli 19 nonyaka. Ngahlinzwa esandleni esibhedlela eRichards Bay. Waxolisa, ngamxolela. Kulesi sigameko (amnqume kuso ingalo) wayekade engafuni, enginqabela ukuba ngiye ekhaya, sihambisa izimpahla zesitokfela, nenyama sinoskwiza wami. Wathi angihambe kodwa uzongikalela isikhathi. Uma ngibuya, wathatha ucelemba wangigenca izandla. Ngabona isandla sami siwa phansi sigcwele igazi. Uzitshele ukuthi ngishonile.
Uthathe intambo wazilengisa. Ngakhala ngabiza omakhelwane. Impilo yami ishintshe kakhulu emuva kwalesi sigameko,” kusho uNksz Nxumalo.
Uthe uhlaselwa nje ingane yakhe eneminyaka emibili ibibukela, ikhala.
Izingane zalo wesifazane akuzona ezesoka.
UDkt Stephen Simango, onguchwepheshe kwezokuhlinzwa kulesi sibhedlela izolo uthe impilo yalo wesifazane ngeke iphinde ifane nakuqala.
“Impilo yalo wesifazane ngeke isaphinde ifane nakuqala njengoba ewuthisha nje. Uyasidinga isandla sokuthi abhale ngaso. Isandla esisodwa asisekho, nalesi esisele asikwazi ukusebenza. Okwenzekile kuyena ulahlekelwe yingalo, ngakwesokunxele.
Amanxeba ayisishiyagalolunye ekhanda, elinye inxeba liklaye ukhakhayi. Ngakwesokudla, isandla sisikwe sasala nesicubu. Kuphazamiseke nomthambo oletha igazi esandleni,” kusho uSimango.
Uthe uzohlizwa kaningi lo wesifazane ukuzama ukulungisa lesi sandla esisele.
Ingalo ngeke isalungiseka.
“Sizozama ukulungisa isandla ukuze sikwazi ukusebenza. Usengowesifazane onesandla esisodwa vo, kumqoka ukuba sizame ukusihlenga,” kuphetha uSimango.
UNdunankulu obambile KwaZulu-Natal, uMnuz Ravi Pillay, uthe ushaqekile ngalesi sihluku owesifazane ahlaselwe ngaso.
“Siyasigxeka kakhulu lesi sigameko esinyantisayo esenzeke ngesikhathi sikhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Sifisa alulame ngokushesha lo wesifazane. Nasekhaya sizothumela osonhlalakahle ukuba balekelele nengane,” kusho uPillay.
UPillay unxuse imindeni ukuba ixoxe uma inezinkinga ingazixazululi ngempi noma kuphume izidumbu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal Colonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokuzama ukubulala nedokodo ngokushona komuntu.
“Owesifazane oneminyaka engu-35, uhlaselwe ngocelemba eMngamunde Reserve.
Udaba lubikwe esiteshini sakwaNongoma. Amaphoyisa afice umsolwa elenga endlini. Umgilwa uphuthunyiswe esibhedlela. Amaphoyisa ayaphenya,” kusho uCol Mbele.