UNGQONGQOSHE kaGesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa ubize izisithangami sabezindaba lapho eveza khona izinguquko nezinhlelo zomnyango wakhe.
Lo ngqongqoshe uthi izwe linogesi owu-60% owenza kube lula ukuthi kungahambi ugesi emini. Ugesi okhona uwu-28 272MW kanti ongekho uwu-14 000MW. URamokgopa uthi yinto enhle le ngoba kusho ukuthi izwe ngeke lisacisha ugesi ngokwezigaba eziphezulu.
URamokgopa uthi abantu bakuleli bayawuzwa umyalezo wokonga ugesi njengoba bebelindele ukuthi ntambama kusebenze ugesi owu-34 000MW, kodwa kusebenza owu-30 861MW.
Uthi ukushintsha kwendlela okunqamuka ngayo ugesi akuwona umlingo, kodwa kusho ukuthi izinhlelo zabo ziyasebenza, sebeyiqonda kangcono imishini.
URamokgopa uthi imishini ebivele ife bengalindele sebeyehlisile njengoba sebeyiqonda kangcono. Uthi ekuqaleni bebelahlekelwa wugesi owu-3 000MW ngenxa yalokhu kodwa manje sekulahleka owu-1 351MW. @IsolezweNews
— Boniswa Mohale (@BoniMoh) July 9, 2023
Ngonyaka odlule uMengameli Cyril Ramaphosa wasungula ithimba elizoza nezisombululo enkingeni kagesi. URamokgopa uthi izinhlelo zaleli thimba sezithela izithelo ezinhle. @IsolezweNews
— Boniswa Mohale (@BoniMoh) July 9, 2023
Abantu bazothola ithuba lokuzenzela imali ngokukhiqiza ugesi omningi, okubalwa owelanga, abangawudayisela i-Eskom. URamokgopa uthi basalungisa umthetho ozosho ukuthi kufanele bakhokhelwe malini abenza lokhu. @IsolezweNews
— Boniswa Mohale (@BoniMoh) July 9, 2023
Abafuna ukudayiselana ugesi bazokhokhela i-Eskom imali ethile. Nalokhu kusacutshungulwa kahle ukuthi kuzosebenza kanjani. URamokgopa uthi uyaziqhenya ngezinhlelo zabo, zokwehlisa ukuhamba kukagesi. @IsolezweNews
— Boniswa Mohale (@BoniMoh) July 9, 2023
URamokgopa uthi sesiseduze isikhathi lapho ezoma phambi kwabantu bakuleli abatshele ukuthi useyiqedile inkinga yokunqamuka kukagesi. Uthi ngeke alukhiphe usuku kodwa ulokho echaza ngogesi osukhona ukuze abantu bazibonele.