AZIBUYELE emasisweni, ingane yakho akube ngeyami, neyami kube ngeyakho.
Lokhu kungahle kulekelele ekutheni kunqandwe isihlava sokuhlukunyezwa kwezingane, kwephulwe amalungelo azo okubukeka sekuphenduke insakavukela eNingizimu Afrika.
Izingane kumele zifundiswe
Izigameko zokuhlukunyezwa kwezingane kubikwa ngakho nsuku zaphuma ikakhulukazi ezisuke zishayiwe, zidlwenguliwe, zithunjiwe, zidayisiwe ezinye ziyabulawa imbala.
UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eNingizimu Afrika usanda kudalula ukuthi zingu-250 izingane ezishiywe dengwane ngonyaka odlule.
Kuvela nokuthi ukuphulwa kwamalungelo ezingane kwenziwa kakhulu abantu abasondelene nazo, nokumele ngabe bangabavikeli bazo.
Isikhulu esiphezulu kwiNelson Mandela Children’s Fund, uDkt Linda Ncube-Nkomo ukhombe ngenjumbane abantu emiphakathini wathi bayihlaba indaba yokuvikela izingane.
Ekhuluma neziko labezindaba iNewzroom Afrika uthe kuzwisa ubuhlungu ukuthi izingane zihlukunyezwa emakubo.
Uma ingane ingaphephile kubo, ihleli nabantu okumele bayivikele, bayondle futhi bayikhulise, wubani ozoyivikela emphakathini?,” kubuza lesikhulu.
Siqhuba sithi ingane kumele ikhuliswe wumphakathi wonke, ngakho-ke uma kunengane elahlekayo, wonke umuntu akayibheke.
UDkt Ncube-Nkomo uthe uma kunengane esuke ilahlekile emphakathini, ukhona umuntu osuke azi ukuthi ikuphi.
Uxwayise ngokuthi uma kuqhubeka ngendlela okwenzeka ngayo manje, lezingane zizoba ngabantu abadala ngomuso, zenze izinto ezinesihluku ngoba zikhule zingawazi amalungelo azo nemithetho ezivikelayo.
Indaba esematheni eyokuduka kukaJoshlin Smith oneminyaka eyisithupha waseDiazville, eSaldanha Bay, eWestern Cape.
Unyamalale ngoFebhuwari 19, kuze kube manje usacingwa akakatholakali. Okuthuse abaningi ukuthi unina kaJoshlin, uNksz Kelly Smith ungomunye wabasolwa abane ababoshiwe.
Kamuva kutholakale isidumbu sikaLusanda Nkomo obeneminyaka engu-10 owayebikwe ukuthi ulahlekile ngoMashi 17, kwaboshwa owesilisa ongumakhelwane wakhe eMkhomazi.
Isidumbu sikaLusanda kuthiwa satholwa ngumelusi wezinkomo futhi sihlubule, kwavulwa icala lokubulala nelokudlwengula.
Kubukeka kuyinkombankombane phakathi kwahulumeni nabantu emphakathini ngokuthi ubani okumele abe sekhaleni ekuvikeleni izingane.
Uphiko oluyinhlanganisela yeminyango kahulumeni ebhekele ukuvikela nenhlalo yomphakathi, lusanda kuzwakalisa ukukhathazeka kwalo ngalesi sihlava.
“Sikhathazwa amacala avulwayo okuthumba noma ukulahleka kwezingane ezinye ezibulawayo. Siyagcizelela ukuthi ngeke silubekezelele udlame olubhekiswe ezinganeni,” kusho uphiko.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mhlaba Memela uthe kuwumsebenzi wawo wonke umuntu emphakathini ukuvikela ingane.
“Sonke siwumphakathi kumele sibambisane ekulwisaneni nokuhlukunyezwa kwezingane futhi siqinisekise ukuthi amalungelo azo ayahlonishwa.
“Kuqala ekhaya ukuvikelwa kwengane. Kumele bafundise ingane yomfana neyentombazane ngendlela efanayo,” kusho uMemela.
Ukhuthaze abantu emiphakathini ngokunakekela izingane, noma ngabe uyifica ikusiphi isimo, wena njengomuntu omdala kumele kube semahlombe akho ukuthi uyinakekele ingane.
Uthe kuyishwa ukuthi isikhathi esiningi abantu abadala yibona kanye abahlukumeza izingane. Bayazama bewuhulumeni ukuthi izingane zivikelwe, kodwa bawudinga umphakathi ngokungabafihli abazihlukumezayo.
Uhlabe abafihla abahlukumeza izingane emphakathini wathi abenzi ubuntu.
Uhulumeni usanda kunxenxa amaphoyisa ukuthi awangabi madolonzima uma ebikelwa ngala macala athinta izingane nokuthi umphakathi usebenzisane nawo.
Ngakolunye uhlangothi amaphoyisa akhiphe amathiphu okuvikela izingane:
Ingane mayitshele umzali uma kunento eyenza isabe noma ingazizwa kahle.
Kuyalwe ingane ukuba ingamtsheli umuntu engamazi igama layo nalapho ihlala khona.
Ingane akumele idlale yodwa ngaphandle kwakubo noma ezindaweni zomphakathi.
Uma kunomuntu osondela enganeni bese iyesaba, kumele imemeze ifune usizo.
Kukhuthazwa izingane ukuba zingangeni emotweni noma zamukele izipho ebantwini ezingabazi, futhi zingabavuleli emakhaya azo.
Izingane zikhuthazwe ukuba zibikele umuntu omdala ukuthi ziya kuphi futhi zizobuya nini.
Uhulumeni uphonsela inselelo izakhamuzi ukuba zibikele amaphoyisa ngokushesha uma zisola ukuthi kunengane elahlekile.
“Abazali noma abaqapha izingane kumele baxoxe nazo bazifundise izindlela zokuphepha. Yiqeqeshe ingane, ikwazi ukubona ubungozi nokumele ikwenze,” kusho uhulumeni.