UMHOLI weqembu elivota ne-ANC kuMasipala waseThekwini, i-ABC, uMnuz Philani Mavundla, uthe isimume emphinjeni eyokubheda kwezinto kulo mkhandlu.
UMavundla uthe uma izinto zingalungiswa ngokushesha, bazohoxa esivumelwananeni sokusebenzisana ne-ANC.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, lapho kumenyezelwe khona ukuthi uzomela i-ABC embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal okhethweni lwangoMeyi.
UMavundla uyena owasindisa i-ANC ngesikhathi kukhethwa okokuqala ubuholi bomkhandlu, futhi i-ABC iyaqhubeka nokusindisa abaholi be-ANC uma kuneziphakamiso zokungabethembi ubuholi babo.
UMavundla uthe lokhu kuzophela maduze uma i-ANC ingashintshi ukwenza.
Ukhale ngomthelela wesiteleka sabasebenzi esidonse isikhathi eside, nathe kuze kwasiza ukungenela kukamengameli weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, ukuze uphele.
“Le nto ibingeke yenzeke ukube bengisekhona eThekwini ngoba ngangingakubalekeli ukukhuluma nabaholi bezinyunyana.”
UMavundla, oyiMeya kaMasipala waseMvoti, uthembise ukudala amathuba emisebenzi, ukulungisa ingqalasizinda yamanzi, imigwaqo, ezemfundo, ezempilo, ezokuphepha, nokulwa nendlala.
“Sikholelwa ekutheni ukuxazulula lezinkinga kuzokhulisa umnotho, kuqede indlala nokusweleka kwamathuba emisebenzi. Izinkinga ezikhungethe iKwaZulu-Natal zidinga ukuxazululwa ngokushesha.”
UMavundla uthe bazochaza kabanzi ngamaqhinga abo uma sebethula umqulu wezethembiso, ngenyanga ezayo.
“Umqulu wezethembiso sizowuthula ngendlela ehlukile. Umqulu sizowethula eDurban Station. Kuzobe kunengoma, nemvunulo. Kuzobe kunabaholi bomdabu. Umqulu uzokwethula ngo-Ephreli 13.”
UMavundla uthe bakhethe umcimbi ukungawenzeli enkundleni enkulu ngoba iningi ligcina ligcwala olwandle, lingabe lisazilalela izinkulumo.
“Thina sizokwenza umcimbi wentsha ebhishi, ngo-Ephreli 20. Siyibonile le nto yaseMabhida ukuthi abantu bagcina sebeya olwandle. Ingakho sizoya olwandle. Imibiko isikhombisa ukuthi mhlawumbe u-90% wabantu abebekule micimbi ebiseMabhida, abazange bazizwe izinkulumo.”
UMavundla, oke waveza eyokuthi bazosebenzisana neqembu elikhankasela owayengumengameli, uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe, uthe bazongenela ukhetho ngokuzimela.
“IMK iyizingane kuthina, iyona okufanele engabe iguqa kuthina. Njengamanje thina sinezimeya, bona abanazo. Kuyenzeka kwesinye isikhathi ukuthi ingane izalwe kamumva kunawe, bese kuba ukuthi inomzimba omkhulu. Angisho ukuthi ngiyabeya, kodwa iqiniso ukuthi okwamanje thina sibakhulu kunabo. Indaba yabo siyoyibona emva kokhetho.”
UMavundla uthe akanalo uvalo lokuthi umbango wangaphakathi kwi-ABC uzophazamisa umkhankaso wabo wokhetho.
Kunohlangothi kwi-ABC olwaxosha uMavundla, kunecala eliseNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
“Labo bantu bazisukelwa ubushinga, base becabanga ukuthi bengasiphuca i-ABC. Iqiniso ukuthi njengoba kukade kubhaliselwa ukungenela ukhetho, imina engibhalisile. Kuyaziwa ukuthi imina umholi we-ABC.”