LUSEFILE ulwandle kwabebephethe izikhundla eziqavile embusweni weSilo uMisuzulu kaZwelithini, kwadedelwa obengumkhulumeli uMntwana u-Afrika wasoNkweni nobenguSihlalo weNgonyama Trust iNkosi Thanduyise kaMpiyezintombi Mzimela.
UMntwana u-Afrika uqokelwe esikhundleni ngoJuni 2023 kanti inkosi uMzimela ibiqokwe ngoMeyi wonyaka odlule ingena esikhundleni seJaji Jerome Ngwenya ebeliphethe iNgonyama Trust.
Isolezwe lithole ukuthi uMntwana u-Afrika obekhulumela iSilo uthole incwadi imazisa ngokudedelwa kwakhe. Isolezwe liyibonile incwadi ebhalwe yiSilo sibhalela uMntwana u-Afrika simdedela.
Udaba lukaMntwana u-Afrika luqale ukusolisa ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ebesibizwe wuNdunankulu kaZulu omusha uMfundisi uThulasizwe Buthelezi lapho uMntwana angabonakalanga khona.
Kuleso sithangami uButhelezi wamemezela ukuthi ezokuxhumana ehhovisi leSilo seziphethwe wuyena njengoNdunankulu akusekho okuzophumela kwabezindaba ngaphandle kwakhe.
ISilo encwadini sithi uMntwana u-Afrika akasenalo ilungelo lokukhuluma egameni laso. Incwadi ikhomba ukuthi ithunyelwe nakuNdunankulu kaZulu uMfundisi uButhelezi. Iphinde yathunyelwa nakuNdunankulu waKwaZulu- Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube.
ISilo encwadini sikubeka kucace ukuthi uNdunankulu kaZulu uMfundisi uButhelezi wuyena ozophatha ezokuxhumana zeNgonyama.
Isolezwe liphinde lathola ngokudedelwa kwenkosi uMzimela kwesikasihlalo weNgonyama Trust. Inkosi uMzimela nayo kuthiwa idedelwe ngosuku olufanayo noMntwana wasOnkweni.
UNdunankulu kaZulu, uMfundisi uButhelezi ukuqinisekisile ukudedelwa kwalaba bobabili. Uthe kube yizinqumo zeSilo zombili lezi zokudedela umkhulumeli waso nosihlalo.
“ Ngithole incwadi ingonyama ingazisa ngokudedela uMntwana u-Afrika njengomkhulumeli wayo nendlunkulu. INgonyama iyabonga kubona ngomsebenzi abawenzile. ISilo sinqume ukuthi sizibambele njegoSihalo weNgonyama Trust ukuze kube nozinzo nokuhlonishwa kwezwi lamakhosi ekulawuleni ukusebenza,’’ kusho uMfundisi uButhelezi.
UMntwan u-Afrika ebuzwa ngalokhu, uthe uyitholile incwadi kodwa usazobiza isithangami nabezindaba akhulume konke. Inkosi uMzimela yona yenqabile ukuphawula yathi okwamanje akukho efisa ukukusho.
Kwenzeka konke lokhu nje umbango ngesihalo seSilo awukapheli njengoba kunodaba okusafanele luyolalelwa eNkantolo yokweDluliswa kwamaCala, eBloemfontein.
l