ISILO uMisuzulu kaZwelithini sizobikela amakhosi “ngokudayiswa” kwaso yibhodi lesikhwama esigade umhlaba kaZulu, Ingonyama Trust.
IMbube ibize umhlangano wamakhosi ophuthumayo ozoxoxa ngeNgonyama Trust.
Ibhodi elisha leNgonyama Trust lisanda kwenza isibophezelo sokuthi ngeke liphinde likhokhele izindleko zabameli beSilo uma kunamacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Lesi bophezelo senziwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngeledlule, ngesikhathi kulalelwe icala elifakwe uMntwana uMbonisi kaBhekuzulu, ofuna ukuthi Ingonyama Trust nohulumeni waKwaZulu-Natal bangazikhokheli izindleko zabameli beSilo.
Isibophezelo seNgonyama Trust sanenga uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, owaze wasola ibhodi leNgonyama Trust “ngokunikela ngeSilo ezitheni”.
Umhlangano wamakhosi uzoba sesiShayamthetho esidala, oNdini, ngoLwesine.
UButhelezi uthe umhlangano wangoLwesine ubizwe ngesikhathi esinzima, wathi kunemizamo yokuqeda ngeNgonyama Trust.
“Kunemizamo yokuphuca amakhosi umhlaba ongaphansi kweTrust, okuwumhlaba amakhosi awugadele uZulu.”
UButhelezi usanda kusola uNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Thoko Didiza, ngokuphuca amakhosi ilungelo lokusayina izimvume zokusebenzisa umhlaba.
Lezinsolo wazenza emhlanganweni we-IFP namakhosi, owawungeledlule.
UButhelezi wathi lezi mvume sezizosayinwa uNkk Didiza.
“Amakhosi ayazi ukuthi ukusayina amaPTO (permission to occupy) amandla amakhosi, emhlabeni wamakhosi. I-ANC isijikile esithembisweni eyasenza kuMntwana wakwaPhindangene (uMangosuthu Buthelezi) sokuthi umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust ngeke iwuthinte.”
UNkk Didiza uziphikile lezi nsolo, wasola uButhelezi ngokudukisa abantu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sethelevishini esikhokhelwayo.
UNkk Didiza uthe isinqumo sokuphuca amakhosi amandla sathathwa yibhodi elaliphethe Ingonyama Trust ngo-2016.
Uthe isinqumo sebhodi saphonselwa inselelo izakhamizi zilekelelwa inhlangano iCouncil for the Advancement of the SA Constitution (Casac).
“Nebala inkantolo yachitha isinqumo sebhodi. Usihlalo webhodi wangaleso sikhathi wanquma ukudlulisela phambili isinqumo. Njengamanje kunecala elingakaphothulwa eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala. Thina silinde isinqumo senkantolo. Ngakho ke akusilo iqiniso lokhu okushiwo uButhelezi. Sithanda ukumxusa ukuthi uma kukhona izinto afuna ukuzidlulisa, alandele imigudu efanele.”
UButhelezi uthe emhlanganweni wangoLwesine bazophinde bakhulume ngombuthano obizwa ngeSibaya.
Lo mbuthano kaZulu wonkana uzokuba sesigodlweni kwaKhangelamankengane.