ISILO uMisuzulu kaZwelithini sibumbe ikomiti elizoseluleka ngesinqumo odabeni lokuhlwithwa umbhobho kuNdunankulu kaZulu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, okwenziwa wuSihlalo we-ANC eKZN uMnuz Siboniso Duma.
UNdunankulu kaZulu uButhelezi uthumele isitatimende ngokubunjwa kwekomiti elizobheka lolu daba oluwundabamlonyeni. UDuma wethusa abaningi ehlwitha uButhelezi umbhobho ethula iSilo emcimbini owawukwaCeza oLundi.
Umcimbi okwenzeka kuwona lesi sigameko kwakungowokukhumbula iSilo uDinuzulu kaCetshwayo esakhothama eminyakeni engu-110 eyedlule. Udaba lukaDuma noButhelezi lwasabalala ezinkundleni zokuxhumana abantu bebabaza abangakaze bakubone.
UButhelezi uthe iSilo siqoke ikomiti okukhona kulona inkosi uSifiso Shinga ewuSihlalo wamakhosi esifundazweni. Kukhona nenkosi uNgqayizivele Sithole eyiPhini likaShinga, inkosi Phathisizwe Chiliza eyiPhini likaNdunankulu kaZulu.
Kukhona nenkosi uRussell Cebekhulu ewuSihlalo wamakhosi eKing Cetshwayo, yinkosi uZulu yakwaNgenetsheni, yinkosi uXulu eNkandla nenkosi uMpungose yesifunda iZululand. Kukhona noMntwana uVanana Zulu wendlu yaKwaMinyamanzi ongumkhuzi wamabutho kaZulu.
Ekomitini kuvela negama likaMntwana uZeblon Zulu waKwaMandlakazi noMntwana uVusi Zulu waseMahhashini. UButhelezi uthe iSilo sifisa ukwelulekwa ngalolu daba nokuthi yikuphi okungenziwa ukuze kungaphindi okwenzekile.
Khonamanjalo uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa ubize isithangami sabezndaba eThekwini ngalolu daba.
UHlabisa umemezele ukuthi usebhalele uMenagmeli we-ANC uCyril Ramaphosa ecela ukuthi athumele amalungu esigungu esiphezulu amathathu. Uthe uHlabisa nabo bazokhipha amathathu kuhlanganwe kuxoxwe.
UHlabisa uthe bakhathazwa wukuthi kunemizamo yokuyamanisa i-IFP nezenzo zodlame nokuyinto engeyinhle. Uthe bazimsele ngokuthi kube nokhetho olunokuthula.