UMCHAZE njengomuntu obenothando nobewusizo emphakathini umndeni womhluzi weSolezwe, uMnuz Mbongeni John Khuzwayo (68) oshone kungazelele muntu.
Ngokusho kwelungu lomndeni, uNkk Nomusa Khuzwayo, umufi obedume ngelikaMnguni ushona nje, umndeni uvele usemanzini ngendodana yakhe, uMnuz Smanga Khuzwayo (25) oshone ngoLwesihlanu.
Bobabili bashonele esibhedlela esiKwaMashu, iPixley ka Isaka Seme emva kokugula isikhashana.
UNkk Khuzwayo uthe uMnguni uthathwe wushukela okhuphuke ngoLwesibili ngesikhathi kungeniswa esibhedlela uSmanga, exinwe yisisu.
“Ubesondelene kakhulu ubaba noSmanga. Ngesikhathi eqalwa ukugula uSmanga, ubaba naye uvele wagula isigubhukane, ekhushukelwa ushukela,” kuchaza uNkk Khuzwayo.
Uthi kumqinisile uSmanga ukugula ngoLwesihlanu, wahlelelwa ukuthi ayohlizwa, okugcine kungenzekanga, njengoba evele washona engakayiswa egumbini labahlinzwayo.
“Ubaba besingakamtsheli ukuthi uSmanga ushonile njengoba eshona namuhla (esho izolo). Sicabanga ukuthi uzizwele egazini ukuthi indodana yakhe ayisekho,” kusho uNkk Khuzwayo.
Uthe ubenothando oluyisimanga emndenini wakhe, athi uma ephuma emsebenzini, ababingelele ngokumoyizela uma engena ngomnyango.
Uthe emphakathini ubewusizo njengoba bebeye bezwe abantu sebebonga, bethi wabasiza bexakekile.
UMnguni ubengowokudabula eNhlangakazi eNdwedwe kodwa ehlala eNtuzuma. Ushona nje, ubesesebenzele Isolezwe iminyaka eyevile kweyisihlanu.
Phakathi kweminye imithombo yabezindaba ayisebenzele, iBBC, Um’Afrika neLanga.