UNGQONGQOSHE wezeMfundo eGauteng, uMnuz Matome Chiloane uhambele eSoshanguve lapho kudlwengulwe kwabulawa khona umfundi.
Lo ngqongqoshe uhambele isikole iNtsako Secondary School, lapho obekufunda khona uPalesa Malatji (17) odlwengulwe wabulawa ngoLwesine.
Isidumbu sikaPalesa sitholakale ngoLwesihlanu buqamama nesinye isikole samabanga aphezulu eChibini Secondary School, khona eSoshanguve.
Namuhla kuhlanganyele ndawonye abafundi bezikole ezahlukene eSoshanguve, beholwa wuphiko lweCosas bemashela esiteshini samaphoyisa, eSoshanguve.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe, uSteve Mabona, utshele abezindaba ekuseni ukuthi bafike kule ndawo bezohlanganyela nabafundi bakhalisana nabo ngokwenzekile.
Ugcizelele ukuthi ngeke babanqande abafundi ezinhlelweni zabo zokumashela emaphoyiseni ngoba kuyichilo okwenzekile kuPalesa ebuya esikoleni.
Ngemuva kokwenza izethulo zabo, abafundi, uNgqongqoshe uChiloane wamukele uhlu lwezikhalazo wathembisa nokuthi kuzoqiniswa ezokuphepha ezikoleni nasemphakathini
“Kuzokwandiswa abaqaphi bodlame nobugebengu emphakathini abazosiza ukuphelezela abafundi abafunda isikhathi esengeziwe ntambama uma beya emakhaya sebephuma esikoleni.
“Namaphoyisa azinikele ekutheni azoqapha isimo kulesi sikole nsukuzonke ukuqinisekisa ukuthi nina, njengabafundi niphephile,” kusho uChiloane.
UChiloane utshele abafundi ukuthi uzizwile zonke izikhalazo zabo, kubhalwe phansi futhi bazobhekana nakho konke okuvezwe ngabafundi. Uthembise ukuthi bazobuya ngesonto elizayo sebezokwethula izimpendulo.
“Sikhulumile namaphoyisa asinika isiqiniseko sokuthi leli cala lihamba phambili kuwona futhi liphethwe ngokwesigaba sesifundazwe. Ngakho-ke ngiyaninxusa ukuba nibuyele esikoleni kusasa nibhekane nezifundo zenu, thina sizoqinisa ezokuphepha,” kuqhubeka uNgqongqoshe.
Uveze nokuthi kuzofika amabhasi azothatha bonke abafundi abayingxenye yemashi babuyele emakhaya.