UNGQONGQOSHE wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele ubonakala ehamba kakhulu imingcwabo yamaphoyisa njengoba sekuphenduke insalavukela ukuhlaselwa kwabakwasidlodlo.
NgeSonto ntambama kuvele izindaba zokubulawa kukaWarrant Officer Lindela Mraqisa.
Leli phoyisa lisebenza ngaphansi kophiko lwezokuphepha nokuvikeleka eWestern Cape futhi lingunogada wephini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa uCassel Mathale.
Lihlaselwe nabanye abagilwa abane besezimotweni ezimbili.
Abasolwa bavulele ngenhlamvu ezimotweni ezimbili ebezipakwe eduze komgwaqo.
Kushone abesilisa abane uma kubalwa naleli phoyisa nowesifazane oyedwa.
Ayikaziwa imbangela yokuhlaselwa kwabo.
UCele noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uGen Fannie Masemola bahambele umndeni waleli phoyisa beyokhuza okuwehlele. Bazosuka ekhaya likaMraqisa banikele emndenini welinye iphoyisa elitholakale libulewe eMfuleni ngeSonto ekuseni.
Leli phoyisa lesimame elinemiyaka engu-29 belisebenzela esiteshini saseSamora Machel.
“Imbangela yokubulawa kwalo kayaziwa okwamanje kodwa kuboshwe umsolwa oyedwa ngaleli cala,” kusho uMathe.
Kwenzeka lezi zigameko nje ngoMgqibelo uNgqongqoshe wamaPhoyisa ubeseGauteng eyongcwaba iphoyisa eladutshulwa labulawa limatasa nokuthatha isitatimende sikafakazi elokishini elidume kabi ngodlame lwamaqembu emigulukudu iWestburry eGoli.
UWarrant Officer Dalmain Morris ubesebenza ngaphansi kophiko oluphenya udlame lwamaqembu emigulukudu ngesikhathi ehlaselwa.
Ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emngcwabeni obuseLenasia, uCele ugcizelele ukubaluleka kokuthi amaphoyisa azivikele uma ebhekene nobungozi.
UCele ubuye wanxusa amalungu omphakathi ukuba akusukumele ukuhlaselwa kwamaphoyisa yiizigilamkhuba.