IPHETHE kabi imizamo yomphakathi waseShaka’s Head yokuthungatha intombazanyana eyalahleka ekuqaleni kwale nyanga.
UMinenhle Khumalo oneminyaka emihlanu ubudala, waduka ekuseni ngeSonto, ngoJulayi 2, nonyaka.
Abazali bakhe baphuma endlini bamkhiyela ngaphakathi beyosiza omakhelwane kusha imijondolo engu-16 yakule ndawo.
Unina wakhe, uNksz Nompumelelo Khumalo (27) ubudala wathuka woma ngesikhathi ebuya endlini ethola kuvulwe iwindi, ingane yakhe ingekho.
Isidumbu sikaMinenhle kuthiwa sitholwe wumuntu obedlula ngendlela esikhotheni esiseduze nepaki phakathi kweShaka’s Head.
Kudide abaningi ukutholakala kwesidumbu lapha ngoba amalungu omphakathi namaphoyisa ake acinga kuyona.
Isidumbu sakhe sitholakale sinqunu ngezansi nokwenza kube nezinsolo zokuthi inukubeziwe anduba ibulawe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uqinisekisile ukutholakala kwale ntombazane ngeSonto, eledlule.
“Amaphoyisa aseMhlali aphenya icala lokubulala kulandela ukutholakala kwesidumbu sentombazane eneminyaka emihlanu kujantshi eShaka’s Head sesiqala ukonakala,” kusho uConst Ngcobo.
Uqhubeke waqinisekisa imibiko yokuthi isidumbu sengane sitholakale sinamanxeba ekhanda nasemzimbeni.