UMENGAMELI wePolice and Prisons Civil Rights Union (Popcru) uMnuz Zizamele Cebekhulu-Makhaza, uthe ukwengezwa kwamaphoyisa angu-15 000 ngeke kube namthelela ekuvikeleni umphakathi wakuleli okhula njalo.
Uthe kuzosiza ekunyuseni isibalo samaphoyisa esesehlile kuleli ngenxa yokushiya kwamanye athathe umhlalaphansi kanjalo nokwehliswa kwesabelo somnyango.
Ubalule ukuthi umbutho wamaphoyisa udinga ukuthi kutshalwe izinsiza ukuze kuliwe nobugebengu.
“Kumele kutshalwe izinsiza ezifana nobuchwepheshe ukuze kuliwe nobugebengu. Kusuka ngo-2020 kuya ku-2022, sehle ngo-11 178 isibalo samaphoyisa amanye athathe umhlalaphansi. Lokhu kwenze isibalo saba ngu-178 708 sisuka ku-187 358. Ukuqashwa kwamaphoyisa angu-15 000, kuzonyusa isibalo sifinyelele ku-193 708, kodwa ngenxa yokukhula komphakathi kuleli, ngeke kube nomthelela otheni ezinhlelweni zokuthi umphakathi uvikeleke.”
Uthe kudingeka kwandiswe amaphoyisa ukuze kube nomehluko, kwehle nezinga lobugebengu eliphezulu.
“Muva nje sekujutshwa amasosha ukuze agade emphakathini njengoba sabona ngezibhelu zango-2021. Nakulo nyaka aphinde ajutshwa njengoba bekusatshwa ukuthi kungase kuphinde kube nalezi zibhelu. Agada nezindawo ezibalulekile, kanti ukujutshwa kwawo kungabonakala sengathi ingoba amaphoyisa ehlulwa umsebenzi wawo,” kusho uCebekhulu-Makhaza ngesikhathi evula ingqungquthela yale nyunyana yezinsuku ezintathu izolo eGoli.
Uthe ukushoda kweziteshi zamaphoyisa emakhaya kwenza umphakathi ulubhade phansi uyofuna usizo.
“Kunzima nasemaphoyiseni asemakhaya ukuhlinzeka ngezokuphepha ngenxa yokuthi indawo ikude. Iningi lalezi ziteshi alikho esimeni, ezinye zazo azinayo nendawo yokugcina iziboshwa. Izinsiza zokusebenza ezifana nezimoto ziyashoda, Izingcingo azisebenzi kanjalo namathoshi kanjalo nama-radio.”
Uthe nezinga lezikhungo zokuqeqesha amaphoyisa alikho esimeni.
“Azinayo indawo yokuhlalisa abaqeqeshwayo. Ukuchitha izinyanga ezingu-12 kuya kwezingu-18, ukuqeqesha amaphoyisa akwenele emkhankasweni wokulwa nobugebengu njengoba izigebengu sezithe thuthu ekwenzeni ubugebengu. Nokususwa kwamaphoyisa anamava ayohlaliswa emahhovisi, kunqinda imizamo yokulwa nobugebengu. Akubuyiselwe amaphoyisa anamava ekulweni nobugebengu.”
Ukhale ngesihlava sokubulawa kwamaphoyisa wathi sincane nesigwebo sezinyanga ezingu-24, esinikwa labo abaphazamise ukusebenza kwamaphoyisa.
“Kusuka ngo-Ephreli kuya kuJuni nonyaka sekubulawe amaphoyisa angu-31. Iphoyisa elilodwa liyabulawa njalo ezinsukwini ezintathu. Ukubulala iphoyisa kufana nokuvukela uMbuso. Siyakhala nango-R250 000 oyisinxephezelo okhishelwa umndeni wephoyisa elibulewe. Kumele bahlonishwe ngendlela ngoba abantu abasuke befe empini yokuvikela umphakathi.”
Ukhale nangokuthi kumele inyuswe imali yokusebenza engozini kwamaphoyisa isuke kuR400 iye kuR1500.