BAKHALA ngesikhathi eside abasilindiswa yizindawo ezivivinya labo abasuke befuna ukuthola izincwadi zokushayela kushona obefundisa nabafundi bakhe ababili engozini enyantisa igazi kuN2 ngaseMatigulu izolo.
Kule ngozi kuthiwa kushayisane imoto encane ebihamba abashonile kanye nenye ebihamba abanye abantu abathathu.
Abebekwenye imoto balimale kabi.
Kuvele ukuthi abadlule emhlabeni bebesuka KwaDukuza, behamba ngemoto ye-Ahmed Driving School. Kuthiwa bebephuthuma esikhungweni sokuvivinya esiseShowe lapho abafundi ababili bebezohlolwa ngezikhathi zabo-8 sekuseni.
Okhulumela abezikole ezifundisa ukushayela kulesi sifundazwe, uMnuz Mzwandile ‘MG’ Zondi, uthe ukube ayikho inkinga yokugcwala ngokweqile kwezikhungo ezivivinya abafuna ukuthola izincwadi, ngabe abanayo inkinga yokuthi bagcine sebehamba amabanga amade beya ezikhungweni ezisemakhaya ezinezinsuku eziseduzane.
“Izikhungo ezisemadolobheni ziyagcwala. Uma uyobhukha kuzo ulinda izinyanga namasonto. Yikho izikole ezifundisa ukushayela zigcina zibhekela abafundi bazo izikhungo ezisezindaweni zasemakhaya ngoba izinsuku zakhona zingcono,” kusho uZondi.
Uthe uthole ukuthi obefundisa e-Ahmed nokunguye obeshayela ubekhathele futhi evuke ekuseni kakhulu.
“Ngoba bebephuthuma ukufika ngesikhathi eShowe, baphoqeleke ukuthi bavuke kakhulu, kuphoqe nokuthi abalande emakubo abafundi bakhe, ngaphambi kokuthi bathathe uhambo lwaseShowe besuka KwaDukuza,” kusho yena.
Uthe lokhu ukusho ngoba uthole ukuthi obefundisa bekungumuntu obese kunesikhathi efundisa kulesi sikole futhi engakaze waba nephutha lokushayisa noma lokudala ingozi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala ngokungenhloso esiteshini samaphoyisa eNyoni.
“Abantu abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-17 kuya ku-44 bashonele endaweni yesigameko. Imbangela yengozi isaphenywa,” kusho uLt Col Gwala.