BAGIXABEZWE ngesigwebo seminyaka engu-13 nengu-15 ngokuhlukana kwabo abesilisa ababili abalahlwe yicala lokubamba inkunzi behlomile
Lesi sigwebo sikhishwe yiNkantlo yesiFunda yaseNgwelezane, eMpangeni ngoLwesithathu.
Okhulumela oKlebe uKaputeni Simphiwe Mhlongo, uthe icala abagwetshelwe lona lenzeka eRichards Bay ngoDisemba ka-2020.
Uthe ngosuku lwesigameko iphoyisa elisebenza ngaphansi kophiko iTactical Response Team lavukelwa yilaba ababili balikhomba ngesibhamu.
“Baqhumisa isibhamu kaningi besibhekise ngakuye bamphuca esakhe somsebenzi. Base beshaya bechitha endaweni yesigameko ngemoto okmgilwa bathatha nesibhamu sakhe somsebenzi,” kusho uMhlongo.
Uthe amaphoyisa aziswa masinyane ngalesi sehlakalo ase eyabajaha.
Uthe imoto yaphaphalaza yagingqika emgwaqweni uR66 eduze kwaseMelmoth.
“UMusawenkosi Mazibuko (25) noSphamandla Mthimkhulu (31) baboshwa batholakala nesibhamu esingekho emthethweni baphinde batholakala nesibhamu sikamgilwa somsebenzi,” kusho uMhlongo.
UMhlongo uthe bavele kaningi enkantolo baze bafaka nesicelo sebheyili kodwa esachithwa.
“UMazibuko ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele kwathi uMthimkhulu wagwetshwa iminyaka engu-13 esezikhindini,” kusho uMhlongo.
Bobabili laba bayalelwe ukuba baphinde babuye beze enkantolo efanele ukuzogixabezwa ngesinye isigwebo ngecala lokuzama ukubulala nokuduna imoto.
Kulindeleke ukuthi babuyele enkantolo ngoMashi 29 nonyaka.