KUMBA eqolo ukudla njengoba igilosa yomndeni onamalungu amahlanu kuya phezulu isibiza uR5, 314.63.
Ngo-Okthoba ibibiza uR5, 297.58 kanti ngonyaka odlule yayibiza uR4, 835.96.
UMnuz Mervyn Abrahams wenhlangano eyenza ucwaningo ngentengo yokudla nesimo senhlalo, iPietermaritzburg Economic Justice & Dignity Group, uthe ukudla kubiza ukudlula amaholo.
Uthe ukudla okubiza kakhulu ngamaqanda njengoba enyuke ngo-18% nenyama yenkukhu okubalwa amaphisisi, amanqina, izingingila nezibindi.
Uthe ngisho amasi anyukile kanjalo nethini likafishi, okusho ukuthi abampofu abakwazi ukuthenga ukudla okunomsoco.
Uveze ukuthi u-anyanisi yiwona owehle kakhulu ekudleni okusetshenziswa cishe nsukuzonke ngabantu. Njengamanje isaka eliwu-10kg ka-anyanisi libiza uR32,82 lisuka kuR106,53. Amazambane nawo ehle ngo-11% njengoba u-10kg usuwuR130,02 usuka kuR145,3.
Ukhale ngokuthi amaholo asamile kuR4, 473.92 kubasebenzi abahola kancane kodwa ukudla kulokhu kunyukile ngenxa yamandla emali.
Uthe abesifazane sebethenga ukudla okukhulu ngamaqoqo (combo) ukuze bazame ukonga bese bethenga amaveji nezithelo kubadayisi basemgwaqweni.
“Ucwaningo silwenza kwabesifazane ngoba yibona abenza igilosa njalo ngenyanga. Bathenga ukudla okungamaqoqo ukuze bonge imali. Bathwala kanzima ngoba isibonelelo sezingane siwuR510 kanti ukudla okunomsoco kwengane kuwuR946.98. Sifuna isibonelelo sabantwana okungenani sibe wuR760 ngenyanga,” kusho u-Abrahams.
Uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo wokuthi kunyuswe izibonelelo zikahulumeni kusukela empeshenini yabadala, isibonelelo sezingane nesabangasebenzi ngenxa yokuthi ayikho imisebenzi kuleli.