UKUQHUBEKA komsebenzi wokuthuthukiswa kwemigwaqo emikhulu KwaZulu-Natal kuzoholela ekuvalweni kwesikhashana kukathelawayeka uN2 eNseleni kusukela ngoMsombuluko ozayo.
Lo mgwaqo uzovalwa ebhulohweni iNseleni River Bridge (B2020) njengoba kuqhubeka umsebenzi wokulungisa ingqalasizinda lapha kuleya ndawo. Abashayeli abajwayele ukusebenzisa lo mgwaqo bayazi ukuthi sekunesikhathi kunosebenzi oqhubekayo kuleya ndawo.
USerisha Sukraj oyi-Eastern Region Project Manager eSanral uthe ukuvalwa kwalo mgwaqo kubalulekile ukuze uqhubeke kahle umsebenzi wokuphakamisa ibhuloho kule ndawo.
“Njengoba kuqala uhlelo lokuphakamisa ibhuloho, kubalulekile ukuvala ingxenye yomgwaqo ukuze kulawulwe isimo,” kusho yena.
Izinsuku nezikhathi okuzovalwa ngazo:
Julayi 29, 2024 uma ubheke eningizimu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama
Julayi 30, 2024 uma ubheke enyakatho kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama
Julayi 31, 2024 uma ubheke eningizimu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama
Agasti 1, 2024 uma ubheke eningizimu kusukela ngo-9 ekuseni kuya ku-2 ntambama
Kunxuswa abashayeli ukuba bahlele kahle uhambo lwabo bazibekele nesikhathi esanele sokubhekana nokubambezelela, ikakhulukazi uma bebheke ezindaweni ezifana nasezikhumulweni sezindiza lapho kusetshenzwa khona ngesikhathi.
“Sinxusa abasebenzisi bomgwaqo ukuba baqaphelisise izimpawu zomgwaqo behlise nesivinini uma sebesondela kule ndawo okusetshenzelwa kuyo,” kuqhubeka uSerisha Sukraj.