AMALUNGU ekomiti lezimali ePhalamende athi azokwenza konke okusemandleni awo ukuvikela ibhange Ithala nabantu ababeka imali yabo kulo.
Izolo uSihlalo waleli komiti, uDkt Joe Maswanganyi, uthe baseThekwini ukuzothola isixazululo senkinga yelayisensi yebhange Ithala.
“Size lapha ukuzoqinisekisa ukuthi imali yabantu iphephile ngoba simele bona. Siyazi bakhathazekile emuva kokumiswa kwelayisensi yeThala yiFinancial Services Conduct Authority (FSCA). Ukukhathazeka kwabo kulandela ukuthi babone kuwa iVBS okwakuyibhange labantu abamnyama ngakho bakhathazekile ukuthi neThala lingase lehlelwe yisimo esifanayo. Siyabathembisa ukuthi sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela Ithala,” kusho uMaswanganyi.
Ucele abantu ukuthi bangakhathazeki ngemali yabo esebhange Ithala ngoba iphephile.
UNkk Lusizo Sharon Makhubela we-ANC uthe bengamalungu ekomidi lezimali ePhalamende bazokwenza isiqiniseko sokuthi imithetho iyaguquka ukuze Ithala likwazi ukusebenza.
Uthe kuwumsebenzi kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi Ithala, elinomlando omuhle wokusiza abantu basemakhaya nasemalokishini ngemali, alishabalali.
Wenze isibonelo sokuthi uhulumeni ngesikhathi ehlenga iSouth African Airways ne-Eskom wathi lezi zikhungo zinkulu kakhulu ukuba zingafeyila ngakho neThala kufanele libukwe ngaleyo ndlela.
UMnuz Seaparo Sekwati usole izikhungo ezishintsha umthetho wamabhange ngokucindezela Ithala ngoba belisebenza kahle kudala kodwa emuva kokushintsha kwemithetho laqala ukuba nezinkinga.
UMnuz Andrew Bateman we-DA uthe ngeke bavume ukuthi Ithala, elisiza abantu abangakwazi ukuthola usizo emabhange amakhulu, lishabalale.
Uthe abakutholile wukuthi ezinye zezikhalo ze-FSCA nePrudential Authority ziyalungiswa ngakho kufanele kube nendlela yokusiza Ithala ukuba lithole ilayisensi yalo.
UMaswanganyi uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi Ithala libuyelwa yilayisensi yalo futhi kugudluzwe nezihibe ezingase ziliphazamise ngokuzayo.