AWUJIKI uVukayibambe we-ANC (ANCYL) ngokuthi ufuna sande isibalo sentsha ezojutshelwa ePhalamende, eziShayamthetho nakuhulumeni ngemuva kokhetho lwangonyaka ozayo.
Le ntsha ithi kumele bangabuyeli ezikhundleni zabo ongqongqoshe abahlulwe ngumsebenzi.
Umengameli walolu phiko uMnuz Collen Malatji, uthe abajiki ekhweleni labo lokuthi bafuna u-50%, kuya phezulu wentsha kulezi zikhundla.
Uthe labo abacabanga ukuthi bayadlala, bayaphupha ngoba lokhu kuzokwenzeka.
“Sifuna intsha kulezi zikhundla, akukwazi ukuthi kungagcwala abantu abadala. Isikhathi sokuthi bahambe bayophumula. Ngeke samukele lutho olungaphansi kuka-50% kulezi zikhundla. Uma kungenzeki lokhu, kusho ukuthi bazobe bephaka impi ne-ANC Youth League.”
USihlalo kazwelonke we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, wagxeka lolu phiko ngalezi zimfuno, wathi kumele igxile ekuwineni izikhungo zemfundo ephakeme njengoba ibhaxabulwa wuphiko lwentsha lwe-EFF, iyeke eyezikhundla.
UMantashe wathi ngeke kwenzeke njengokuthanda kwalolu phiko.
UMalatji ugxeke ukuncishiwa kwesabelomali sesikhwama esixhasa izitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo wathi akumele lesi sabelo sincishiwe.
“Akukwazi ukuthi kungathi kukhulunywa eyokufuqa eyamakhono entsheni, ekubeni kuncishiswa isabelomali seNSFAS. Sifuna kufakwe imali kulesi sikhwama ukuze izingane zabantu abahlwempu ziqhubeke nokuthola uxhaso.”
Uthe akukwazi ukuthi intsha ingaqhubeka nokubhuquza emakhaya ekubeni kunezinhlelo zokuyifukula kanjalo nesabelo.
“Labo abahluleka ukuxhasa izinhlelo zentsha noma ukusebenzisa isabelomali esabelwe intsha, kumele bashenxe ezikhundleni. Sifuna kufakwe abantu abafuna ukusebenza, basebenzele intsha.”
Uthe bazoxoxa noMengameli Cyril Ramaphosa ngokuthi basuswe labo ngqongqoshe abangawenzi umsebenzi wabo.
Ugxeke nalabo abathi uma sebeshiya kwi-ANC, ababiza abezindaba ekubeni bajoyina le nhlangano ngabodwana.