I-SOUTH African National Taxi Council (Santaco) ikushayele ihlombe ukuphasiswa komthetho wezokuthutha, iNational Land Transportation Act ochitshiyelwe kabusha.
UNkk Mmatshikhidi Rebecca Phala okhulumela iSantaco kuzwelonke, uthe umthetho uzoqinisekisa ukuthi abanikazi bezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile bafaka izicelo zokusebenza njengawo wonke umuntu osebenza kwezokuthutha.
Yize bejabula kodwa uNkk Phala uthe basamangele ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi uchitshiyelwe umthetho.
“Sekuphele iminyaka ewu-13 imboni yamatekisi ikhala ngokusebenza kwezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ezitholakala kuma-app. Lezi zimoto bezidla umsebenzi kodwa zingenazo izimvume zokusebenza. Izimoto bezisebenza emizileni yamatekisi anezimvume zibe zingenazo izimvumo, bekunobugebengu obuphazamisa abagibeli,” kuchaza uNkk Phala.
Uthe ukufika kwezimoto ezikhokhelwa ngebanga ezilihambile ezitholakala kuma-app kudle inzuzo yabamatekisi kwavala nenqwaba yezinkampani zama-meter taxi.
“Kusiphatha kabi ukuthi uhulumeni uthathe isikhathi eside ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika, ezinkampanini zangaphandle ebezisebenza ngaphandle kwezimvume. Siyathemba ukuthi uhulumeni uzosebenzisana nemboni yezokuthutha asize nezinkampani zakuleli ezithuthukisa ama-app ezokuthutha,” kusho uNkk Phala.
Ngaphansi kwalo mthetho kulindeleke ukuthi abasebenza ngaphandle kwezimvume bahlawuliswe uR100 000.
Ubuye unikeze izinhlaka zezokuthutha ezifundazweni amandla okuphuca nokumisa imvume yokusebenza yomuntu ongawulandeli umthetho.
ISantaco ithe izokuqapha ngeso lokhozi ukusetshenziswa komthetho ngoba ifuna kuphephe abagibeli. Kube nokuncintisana okuhle kwabasebenza embonini yezokuthutha.